77T@T








Vil

Emva kwesikhathi eside, sengiyindoda eqinile, ngathatha futhi unkosikazi wesine.  Lona kwakunguMaZondi, untulile.  Yayinezifaca ezisendaweni engandile lentokazi.  Esikhundleifi solcuba zibe phakathi nezihlathi, zazisekugcineni kwezinde)e zomlomo emaceleni.  Yayinomuzi esihlathini sakwesokudla eduze nekhala.  Yayilihwanqakazi, nasezithweni kubhibha uboya.  Umzimba wayo wawulingene, isho ngezitho zayo ezazibumbeke zalolongeka kahle.  Kodwa noma untuhle ayemuhle kanjalo, futhi noma abanye ontanga yami babeseshela beqonywa beganwa ubuthaphuthaphu, kangisho mina ukiithi ngangisayoganwa sengikulelo banga.  Kwenzeka-ke kodwa ukuthi uyise ngangikade ngimlobolele enye yamakhosikazi akhe ayeyithathe kamumva, wangethembisa indodakazi yakhe ayoyithola kulowo nkosikazi ukuthi iyothi lapho isigana izinkomo zize kimi.  Kodwa ngeshwana elithile unkosikazi Iona akabatholanga abantwana.  Usezothi-ke uyise okungcono kangisale sengithatha indodakazi yakwakhe, untulile, ngingabe ngisalobola ngalutho.  Kodwa-ke izinkomo nganginazo ziziningi, ngabona ukuthi kwakufanele zibe khona izithole ezimbalwa engizishayayo ziye lapho untulile ayephuma khona aze amonipheke naye.  Ngakubona lokhu kufanele ngoba wayemuhle untulile, ngezwa ngimthanda, kanti noyise ngangingamhlawulisi neze, lokho akwenza kwakuyintando yakhe nje kuphela, senze uhlelo olusiphatha.kahle sobabili.
Njengezinkomo ziqhubuk-usha inkomo efikayo esibayeni ziyijwayeza ziyifundisa, amakhosikazi ami ayesemadala athanda ukuba ake ahlole inhlonipho kantulile, afunde nokuthi ingqondo yakha iqalaphi igcinephi.  Ngakho esafika-ke lapha ekhaya untulile wayethunywa ngapha nangapha.  Kwathi lapho ebona ulcuthi untulile use3@intandokazi ngaleso sikhathi njengoba ayesanda kufika, amnika imisebenzi eminingi, kwesinye isikhathi ukuze kwenzeke impela njengoba befisa, ayese39

benzisa negama lami.  Kodwa untulile konke lokho ababemtshela ukuba akwenze wakwenza ngenhlonipho enkulu, ozakwabo abadala laba ebabiza ngokuthi ngonina.  Athonyeka-ke nawo ebona inhlonipho enkulu kangaka.  Kwathi lapho untulile esethola umfana, engametha ngathi ubasuse, wemukeleka kozakwabo ngenkululeko, wahlonishwa.  UMaZondi wabuye wangitholela omunye umntwana, intombazane, engayetha ngelokuthi ngusibongile.  Intombazane lena-ke ngayetha elinye igama lokuthi ngLiMakholwa.
lzingane sasizetha amagama akhulumayo, asho okuthile.  Kwesinye isikhathi izingane zazethiwa ngonina, bathole nethuba lokujoqa bona bansondo.  Eminye yalemijoqo ngangingayithandi kodwa kwakulukhuni ukuyivimba.  Kwesinye isikhathi bekususela ekiidlaleni nje kanti ingane izosiniswa ngalelo gama isigcino liyichume.  Mhlawumbe kuzoqalwa kudlaleni nje kuthiwe ingane ngumkhulunyelwa, noma lokhu kususelwa ekutheni unina wayekhulunyelwa izinto angazishongo. lyagcina-ke ingane isingumkhulunyelwa, kanti kusukele esalukazini nje ebesithi: "Bamkhulumele, bamkhulumele, bamkhulumele, kanti ngumkhulunyelwa Iona, kanti nguMkhulunyelwa Iona." "Gegege ... ge ... gege" okuyingane kuhleka ugogo wakho ekusinisa emathangeni akhe.
Lapha ekhaya-ke amagama ezingane zami kwakunguBalekile, ngubabhekile, ngumhambi, ngumpisendlini, nguZamazisa, ngungosongoso, ngumqemane, ngumnkentshezi, nguzamazulu, nguguhle, ngunqobile, ngumjombo, nguphethelakhe, ngufun'okunjani, ngusimehle, ngumthabiseni, ngusicebi.  Lezo kwakuyizingane zami engase ngizitholile kuMaNkomonde, nakuMaNdwandwe nakuMaNdlozi ngesikhathi ngithatha uMaZondi.

Ebantwaneni bakaMaZondi umfana ngametha ngathi ubasuse ngoba wayebasusile ozakwabo bakanina kunina, bahlala phansi bamhlonipha.  UMakholwa yena ngametha ngiqondise ezintweni eziriingi engangizibona ziguquka kuthiwa impucuzeko okunye kuthiwa yisikholwa.  Wazalwa ngaleso sikhathi, lapho lokho kuthanda ukugqama kakhulu.  Leli elithi Sibongile, ngangilisusela nje ekubongeni amadlozi ukuba

40

ngiphiwe inzalo ngokwanelisayo.  Kodwa-ke unina wachumisa leli elithi Sibongile.
Kukhona okukholwa ngabantu ukuthi izingane umuntu azithola esemdala ziba zinhie.  Lokhu-ke ngaziboncla mina ngawami amehlo.  UBasuse nosibongile babengadlulwa ngumuntu angabhekisi ikhanda emumva alandelise njalo ngamehlo baze bayosithela.
UBasuse wayenamehlo amakhulu anezinhlamvu ezimnyama su.  Ubuso bakhe babugqanyiswe yikhala lakhe claliqosheme, enamasmya amakhulu, enesithunzi, ezinye izingane zimbiza ngokuthi ngubhubesi.  Isikhumba sakhe sasicolisakele sengathi ngesentombazane.  Esazalwa, umuntu wayethi ubasuse uyoguquka abe mubi, kodwa wakhula nakho konke lokho ayevele nakho.
USibongile, awu umntanami.  Namanje ngishaywa luvalo uma ngiqala ulcukhuluma ngaye, ngoba ayizange ibe khona ingane enjeyaya kuso sonke isigodi, alizange libe khona itshitshi elinjeyaya kuso sonke isifunda.  Uboya azalwa nabo buxhumelele ezinweleni balala bendlaleka bazungeza isiphongo abuzange buhashuke noma esevuka ekuseni ayocoshela amalongwe, afunele ugogo inswani, ayokha amanzi, ayohlakula.  Amchlo akhe lawo ayebheka ngawo umuntu ashaywe uvalo, akazange aphuphe emehlweni alabo ababembuka.  Bahlala njalo bezinyeza ukuba babengafancle ukukhuluma ngothando nalentombazane.  Izinwele zakhe zazimashoba, ikhanda Ialimise okwembokodwe engesiwo umtsholo kakhulu, amashiya akhe ayehlanganiswe ebunzini uboyana obubuhwelezi.
Lezi zingane zami ezimbili, zazal-vva zakhula sengimdala.  Indaba yami izogxila kakhulu kweyodwa yalezi zingane o. wamanje, ngoba ngisho lengane yayiligazi lami, yayidle ukudla okufanayo nalokho okwakudliwe ngezinye izingane zami, noma yayinyathele baleni linye ezinye izingane zami ezazinyathele kulo noma yayikhe mthonjdni munye, nalowo abanye abantabami ababekha kuwona, noma yayifula nsimini yinye abanye abantabami ababefula kuyona, yona yayehlukile kwezinye izingane zami.

41

Kodwa-ke sengaba kwelinye ibanga manje.  Amalanga ayashona, izinsuku ziyedlula, inyanga iyavela inyamalale, amakhowe ayaqhibuka adliwe aphele, izinkomo ziyasengwa zephuse.  Baphi abanye abantabami ? Ziphi zona izingane zabo 9 Angazi.  Anginakukutshela lutho ngalokho.  Kwabanye kuba khona engikuzwayo ngankathi.  Kwabanye angizwa lutho.  Labo abayalezayo bakhonze ngankathi, angazi ukuthi basekhona yini lapho bageiffa ukuyaleza bekhona.  Kuthatha isikhathi eside kade bakhttmbule ukukhonza kimi.  Ezinye izindawo abaye bakhonze bekuzona kangizazi, futhi anginakulubhada kuzo.  Ezinye-ke ngiyazazi.  Kodwa abaziyo bathi ngize ngingazikhohlisi izindawo Iezo azisenjengazazinjalo ekuqaleni.

Iminyaka emihlanu eyedlule, ngesonto ekuseni, waphurna umphefumulo kuMaNdlozi.  Waphuma kade eiigaguli, ebike ikhanda kuphela.  Ngathula ngambuka esengewatshwa, ngabona ukuba Ialixephukil.e elinye igatsha lamagatsha ami.
Ngonyaka olandelayo, ehlobo, ngolwesine ntambama, ngiqosheme ngibheke ngingacwayizi ngoba uMaNdwandwe wayesecele ukuba ngihlale kuleyondlu ayegulela k-uyo, kukhona nomntanakhe ayemthanda kakhulu, uzamazulu, iigaleso sikhathi owayefufusa amabele, yena elele sakweyama kuzakwabo uMaNkomonde, kulokhu kuzwakale njalo udenda, wathambalala waphela umkami.  Zehla kimi zathi jnvi, zawela phansi, ngazibona zishona emhlabathini ziya ngokoma, ngabona ukuthi omunye futhi wemithambo yami wawusushile usushabalele.
Ngangisenguye umnumzane oqotho nohlonishwayo.  Ngangisenayo, imfuyo, yayiselukela kuwo amadlelo ewathandayo, kodwa mina ayesevaliwe amadlelo amabili engangike ngelukela kuwona.  Izingane zami zazithandana, zazihamba imibondo, zazingcwekisana nontanga, nezinsizwa zazikhuzela, abanye ontanga yami babesadabula izinkalo ngesokuhlwa beyobona intombi yakwabani.  Ezinye izintombi ezazidla izinkomo kubona, zazilotsholwa zithathwe kuthandanwe; kepha kweyami inhliziyo kwakunamabala amabili ayevale izintuba lapho kwake kwaphophoma khona uthando lwabantu ababengiza-

42

lele, uthando lwabantu nabo ababengithanda, kodwa engase
ngingakwazi ukubathinta, ukubabuka, nakulalela ukuthi

bathini.
lzingane zami zase ziyokuba yizintandane. zase ziyolala zingadlile, zase ziyophathwa umkhuhlane zeswele noziphuzisa uhlonyane.  Kodwa ngaleso sikhathi yayingekho intandane ngalendlela ekhona ngayo manje.  Ezinye izingane zami, noma zaziphekelwa zidla, zazigula zichathwa,

zazingasenanina,
zazona zijeziswe, zaziduka selulekwe onina abanye ababekhona, ungekho umehluko, ongazi engeke abone ukuthi leliqembu Iezingane lizalwa ngumasibanibani ongasekho.
Ngase ngisele namakhosikazi amabili.  Eyodwa, umzamose, intombi yakwankomonde, owayeke waba noinzimba oqondile thwi, chamba ethi c,,i, gi, gi, eshayela phezulu, wayesakhala ngeqolo, esehamba kwakukhokhoba abeke unyawo kancane athi nasha, nasha, nasha.  Inhloko yakhe eyayikhehlwe kahle, esho ngesiphongo sakhe esasiphumile, yase yaba mfishane, izinwele zakhe zingasakhuli, kodwa ilokhu isacwa1%va kahle njalo komdala, ungeke uyifice idlikizekile noma iyephukele nxanye.  Ngaleso sikhathi-ke, uMaNkomonde, ayikho enye into ayesayithanda, ayesayikhathalele, ayesayifisa, ngaphandle kokudla, kwentokomalo egazini, umlilo esewukhonze kabi, nangaphandle kogwayi wokupilomba, nabazukulu bakheke, ayezithetliisela bona yena, angafuni ukuba bathethiswe ngomunye umuntu.  Omunye-ke kwakunguyena uMaZondi, unina kabasuse nosibongile.  Wayelokhu abanjalo, kodwa okunye sekungixaka kancane k-uyena, ngangikade ngithi ngiyamazi kodwa kwase kukhanya ukuthi ngangingamazi njengoba ngangicabanga.
Ngahlala-ke, izilonda zami ezazike zashoshozela kakhulu zaphela, ngadela, noma kodwa kwakuthi ngankathi thize njalo ziiume-lokhu kwakwenzeka uma ngibone noma ngikhumbuzeke okunye okwakungilumbanisa namakhosikazi ami ayesashona.  Engani namanje kusathula'kuthule zishoshozele.
Baningi abadala nabancane noswezane lwezingane, bonke abafika emzini wami bangibize ngokuthi ngingubaba.  Abaningi kangibazi ngok-uphelele uk-uthi bangobani.  Kodwa kudlula 43

kuyangijabulisa ukubizwa yibona kanjalo ngoba banalo ilungelo, noma ngiyabathanda noma angibathandi, lokuba bangibize kanjalo kulelibanga engikulona.

Manje-ke, njengoba ngimi egqumeni entshonalanga ngisinga empumalanga, ngibona phansi ezweni elisasicaba.  Lelizwe ngelobungane bami.  Njalo uma ngicabanga ngezinsuku zobungane bami, -ngicabanga ngikhumbule umkhulu.  Ngiyaye ngilubone lonke ukhondo lwakhe, konke engikwaziyo ngaye ayesixoxela khona nengazibonela mina ngamehlo.  Ngithathe ngikhumbule exoxa, etlietha, ekhuzela, esonga, ephuza, edlile, esukuma elinganisa izinto ayezenza eselibhungu, ebulala amazimu, ehlabana kaningi, eblaba ngomkhonto wale ukuphuma.  Lapho-ke kube sengathi kwedlula iduku elimnyama ebusweni bami, bese ngikhumbula ukuthi umkhulu ugumede sewashona.

Ngikhumbula nobaba, ingqomondiya yakwabo, iqhathanzipho lakwabo, isiphani nesilomo.  Ngikhumbula ikwethu elalihlala ligcwele abantu kujatshulwa ngenyama nangokuphuzwayo, ngikhumbula isihluthu sikababa.  Kodwa kuyaye kuthi umqondo wami useluka nokuningi, kube sengathi kukhona ifu elemboze inhliziyo yami ikhuthelane, ngikhumbule ulcuthi nobaba sewashona.  Ubaba wafa ezilalele ebusuku kade engabike lutho ngayizolo.

Nami ngake ngancela, ngake ngasiniswa emathangeni kamama.  Ngake ngaba ligugu kunqakiswana ngami.  Ngake ngalala kwagogo, ngake ngadla amasi ayekhethwa izimpepha.  Kepha ugogo sewashona nomama akasekho.  Inde lendlela engiyisingayo, ingikhalisa izinyembezi kweminye imimango.  Nabanye omama, amanye amakhosikazi ok-wakungakababa, asashona, kwasala oyedwa vo, uKaMashabane, naye owayeseguge kakhulu.  Nokuba wasala yena yingoba wayenomzimba oqinile, kanti-ke futhi wayethathwe esanda k-uqeda nje ubutshitshi yena.

Yilokhu kwasa kuzalwa izingane, amakhosikazi ayajabula ayancelisa.  Kodwa futhi yilokhu kwasa Iezo zingane zishiywa ngoyise bafe. lzingane ezinoyise, izinsizwa ezinoyise, namadoda anoyise bonke baba yizintandane mihla le.  Kudla fumuka 44

kudle silaza.  Kufa wena yise wengane, wena yise wensizwa, wena yise womnumzane.  Kufa wena nina womntwana, wena gogo kanina womntwana, wena gogo kayise womntwana.  Kufa wena mntwana, wena ngane egijigijimayo, wena bhungu, wena tshitshi, qhikiza ngoduso, makoti, nkosikazi.
Angazi, anginakusho lutho ngiqinisise, kodwa noma kaniani kufanele ibe khona enye impilo emva kwalena.  Kufanele abadala, nezikhulu zezwe, babuye bazobheka ukuba ezinye zezinto zabo ziqhutshwa kahle yini.  Amadlozi uzulu ahlala ekhuluma ngawo, akusiwona umoya nje, noma inganekwane okufanele ixoxelwe izizukulwane ngezizukulwane, kepha amadlozi yiwona asimame impilo yethu.  Asikhulumi ngawo sethembele kuwona ngoba siziqokela nje olunye uhlelo lwezinkolo njengoba zenza ezinye izizwe uma ngizwa.  Kodwa engikwaziyo ukuthi thina kasenzi ihlobo ngokuhlonipha nokuthembela emadlozini.  Akhona ngempela.  Asebashona bayabuya ukuzoqaphela babheke labo abasekhona.  Yibona futhi ababakhulumela nakumvelinqangi.
Esikukholwayo ngamadlozi siyakwazi, kwenzeka phambi kwethu.  Uma kugula ingane noma kulukhuni unkosikazi ebeletha, kuphuma isalukasi sishweleze sithethe sikhulume nabaphansi, sithi siqambe singena ibe isinda ingane noma ebe ezalwa umntwana.  Ngiyazazela lokhu kangitshelwa, ngazi bengeluleka ebusuku abangasekho, ngazi kukhona izimiselo engingazifezi, izinto zingimele kabi, ngifeze maqede kulunge.  Ngazi bethukuthele ngishweleze.








45

Vill

Ngaphambi kokuba n qhubeke nginqamunde udaba
gi
lwami, ake nginqampunqampuze ngabelungu, ngoba indaba yami izophathelana nabo ngandlela thize.  Ngingeze ngayeka ukuba kengikhulume ngabo; lokho kungatsliama tikuthi ngikhuluma ngamalangabi omlilo ngingasayixoxanga eyokuphembeka nokokheleka kwawo.
AbeLungu bafika kulelizwe lobabamkhulu kudala.  Abanye abantu kabasakhumbuli nokuthi konje abelungu bafika nini.  Kanti imithonselana yamanye amakhehla asasele isakhumbula sengathi bekuyizolo indaba ikhulunywa yabelungu bezokhonza kushaka. lzingane-ke zona kazazi Iutho ngabeLungu ngaphandle kwezagana ezithize abazizwa ngabadala.
lgama elithi "umlungu" lizwakala kungesilona eladabuka olwimini lwesizulu.  Kulukhuiii ukulihlaziya ulicuye libonakale kahle umnyombo walo esizulwini.  Ngenxa yalokhu-ke siyehluleka ukuthola kahle ukuthi obabamkhulu babeqondeni lapho lesi sizwe besibiza ngegama elithi umlungu.  Makube lisanda kuvela leligama lahhlekisa, noma libhuqa ngandlela tl-lile, kwazi bani.  Mhlawumbe Ialibhinqa, mhlawumbe Ialibika ukumangala, mhlawumbe kwakungelelahlathemba, akekho umuntu ak-waziyo nangakwenza ngaphandle kokuqagela nokuzingqubuza ngesiphongo etsheni, ethi uzama ukupopola lapho sekwananyathiselwa khona.
Kodwa-ke kukho konke lokho engabe laqala liyikhona, neseledlula kukho, nesimo izinhliziyo zalabo abaliqamba ezaziyiso neseziyiso manje, leligama namhlanje selaba ngelenhlonipho uma sikhuluma sizinquma amakhanda siziyeka.  Abanini baleligama namuhla bayizikhulu, bayizihlonishwa.  Kodwa kuyo leyo nhlonipho, mina, uma sengizicabangela nje ngingedwa, sengathi kukhona ukulutha okuncane, noma inhlekisa eba khona uma kuphathwa leligama kulezizinsuk-u zamanje.  Uma ngizicabangela mina ngokwami ukuthi lasuse-

46

laphi leligama, ngilibona liqondisa ukuchaza uhlobo lwabantu ol,@vakhishelwa ngaphandle lwalahlwa ulwandle.
Ngike ngizwe kuthiwa abanye babo impela abamhlophe bathi leligama liphathelene nemikhumbi cyayingolunye nje uhlobo olungandile abelungu abawela ngayo izilwandle.  Bathi-ke leligama lisho nje abantu bemikhumbi.  Lencazelo ishiwo uhlobo lwabantu olungezulu, uhlobo olumhlophe.  Mhlawumbe-ke basho ngoba bengafuni ukuba bafaniswe nezinto ezaphuma emanzini zikhishwe ulwandle ngaphandle okungathi ziyizinhlanzi.
Kanti-ke abanye bathi lesi sizwe saze sethiwa ngaleligama nje ngoba kuthiwa sinamalumbo, ngokwazi ukubulala ngenhlamvu ephuma esibhanyini, odubulayo ezimele kude naleyonto edutshulwayo.  Kwathiwa-ke bayalumba, kwageinwa kuthiwe ngabelumbi, okunamuhla sekuthiwa ngabelungu.
EHnye ikhehla elalike lababona ngamehlo, ngalibuza ukuthi lasukelaphi leligama.  Lasho izinto eziningi lagcina tithe: "Leligama Ialingasukeli nasek-uliingeni kwabo; kube ngonok-ulunga noma onolunga, lcugcine kungabelungu.  Phoke umuntu angasithola yini iseseko salowo mcabango' na?  Ungibuza ukuthi pho kabalungile yini?  Ngithi angazi ngoba nakhu ukulunga byabaphucekile nabangaphucekile esengathithi kwehlukile ngokwami ukubona.  Angisho ukuthi igama elithi -iimlungu umsuka walo ulapho." Laphendula kanjalo ikhehla lakwakhumalo.
AbeLungu bokuqala abalubhada kuleli lakithi bahamba bayokhulekela iziza enkosini ushaka.  Omunye walabo beLungu wasicela khona impela eduze nomuzi kashaka.  Nempela wanikwa.  Ngaleso sikhathi ehlezi lapho lomlungu, wazama ukufundisa inkosi ushaka nabantu bakhe inkolo noNkulunkulu owayekhonzwa ngabelungu.  Kukhona-ke abanye abelungu ababehiala ngasemaxhaphozini aseduze nolwandle.  Labo ababehlala k-ulezi zindawo babenemithi ebukhali ngempela ukuze bakwazi ukuvikela -bamele izifo ezazibangeka kulezo zindawo.
Obabamkhulu babengazi lutho ol-uningi ngalesi sizwe ngoba alcukho muntu ngaleyo minyaka owayehamba nje

47

avakashe abon e izwe.  Ababehamba babehanjiswa izimpi, beqonde lapho beqonde khona.  Aba:nye babehamba ngokuthunywa, bangaphambuki ndawo.  Bayingcosane impela kobabamkhulu abake bakhuluma nomuntu owayeke wabona umlungu ngamehlo akhe luqobo, singasayikhulumi-ke ukuba bona obabamkhulu bazibonele ngawabo amehlo luqobo.

Kwalcuxoxwa nje ngabclungu njalo ngakusihlwa lapho kuhleziwe emlilweni kothiwa.  Kodwa-ke akubalulekile neze lokho okwakukhulunywa ngabalungu ngalezo zikhathi.  Kwakufike imibiko yokuthi lidlanzana nje labelungu elalikhona.  Kwakwaziwa-ke ukuthi kabanakuhlupha.  Kuqondisiswa kahle ukuthi lapho indlovu isikhathele yibona, yayiyonyathela kanye nje bapitshike kuphela ngeswayi.
Njengalo-ke izulu elicwatha licwathe lidume, kushabalale ukucwatha, lidume lidume libohle, kuphele ukuduma, noShaka wayezalwe wakhula, wabusa.  Emva kokuba esekhulile wayengeke esaphindela ebunganeni.  Emva kokuba esebusa wayengasekuphindela ekubusweni.  Ngokufika konke kwedlula, nempilo kashaka yaba khona yabuye yaphela.  Wafa.  Ngesikhathi esefa epvazwa ngomkhonto, kuthiwa akantenganga khona wabatshela abafowabo ukuthi babengezukulibusa amalombo, babengekubamakhosi isikhathi eside, izinyoni ezimhlophe wayezibona zindiza phezulu zilangazelela ukubusa ilizwe lojama.  Kuthiwa wabatshela ukuthi abamhlophe babeyogcina belithathile ilizwe lelo libe yimpahla yabo, balibuse bona kukhonzwe kubo.

Kangizukugxila ekungeneni nasekuphumeni kwamakhosi akwazulu, ekuphileni nasekufeni kwawo.  Kodwa linye nje engingalibeka ukuthi kwakuchitheka negazi eliningi lonke izwe lizamazame lapho kushone isilo.
Zonke Iezizinto ezazenzeka ukhona umyocu ezaziwushiya kubantu, noma wawubonakala uzwakala, noma wawungabonakali ungezwakali.  Uma umuntu engakalazi lelizwe, esalithanda, akukho okunye akucabangayo ngaphandle kokuthi kazi Nkosi yami mina ngaba yinhlwa ngedwa nje kwakhala nyonini, kodwa ngaphandle kwalokho aneliseke.

48

Yebo baningi abantu engibaziyo abake bahlala lapha.  Nginjengomuntu osewake wama wabukela amazolo eqambeka eqaqela otshanini ekhehlekile abuye awohlokela phambi kwakhe basala buze utshani.  Sekwenzekile konke lokhu walokhu ebikezele ukuthi lobutshani bake bakhehleka amazolo, kanti naye nihlawumbe sekusondele ukuba abe kanye nalawo mazolo asawohloka.  Abaningi ababelapha nabanye abasekhona, kabazi lizwe elinye ngaphandle kwalezo zindawo abazibona imihla lapho bevuka ekuseni.  Bazi ungqengqema lwamadluladlulane ezintaba azungeze macala onke. llanga liphuma ngaseqhudeni.  Kuthi ntambama limathunzi ilanga liphikelele entshonalanga lishone lilengise imisebe yalo emhlumayo.  Nalentaba ikhankase nje kayikhweleki kalula.  Kwesokudla kukhona ilenge, kwesokunxele yimpofana.  Ezansi nayo k-unoh-iiluhulu lwenyokakazi yomfula, uthukela.
Kulapha-ke lapho inkaba yami ikhona, kulapho ngafikela khona ngiphuma esiswini sikamama, kulapho ngabona khona ilanga okokuqala.  Ngelakithi lelizwe eliyizingudlungudlu zamatshe elinezihlahlana ezibhashile zehlanze eziningi esikhundleni sokuba kube khona utshani obuhle obuluhlaza.  Yilo lelizwe elilinywa ikhuba ligegemuka leqa amatshe esikhundleni sokuba lingene liziklemuzele kamnandi ngokuthanda njengoba kwenzeka kwezinye izindawo.  Kodwa noma kunjalo, leli ilizwe engilithandayo, ilizwe engilikhonzile, ilizwe engiziqhenyayo ngalo.  Ngizwa umqondo wami ungitshela uk-uthi emya kwesikhathi ngisho nalabo bantu abahlala izihlathi zabo zibethwa ngumoya wolwandle, ngisho nalabo abakuleliya lasenhla kakhulu elinezinindolo zamahlathikazi nezithantala zamazwe, kuyohamba kuhambe babone ukutlii leli engikulo yilona elingcono.
Umbala wamaqhugwane ethu ufana nombala wamatshe asendle, isimo sawo sifana neziduli zemihlwa.  Ngenxa yokuthi lelizwe liphakeme kakhulu emaceleni, izindlu zethu Iezi kazibonabonakali nje kalula, yizo izinsongansongane zentuthu eziph-uma lapha kulemizi uma kubasiwe ezishwilileka ziye zishabalalele omoyeni, ezibonakala ekuseni eziyaye zikhombise ukuthi kuleyandawo kunemizi.  Lapha emaqhugwaneni 49

intuthu ifufusa iphume emaceleni naphezulu ithi vumbu ithathwe ngumoya yona ingakaphakami kakhulu ngakho isabalalele iphelele eduze.  Ngalendlela futhi kungena umoya omuhle nosemusha.  Ngakho kangivumelani nalabo asebethengwe yisilungu abathi amaqhugwane ethu akanampilo, akanamafastela, akungeni moya.  Umoya ungena kahle, njalo, futhi kwesinye isikhathi ngokunempilo kakhulu kunezinye zezindlu ezinamafastela ahlala evaliwe. lzintuba eziningi ezingena umoya emaqhugwaneni kazivalwa ngisho sekumakhaza kangakanani, nasebusuku.

Mhlawumbe ngesikliathi esiphambili amahomfu ezimpi zakwazulu ake adlula nje ngapha kodwa ahambela kude engazikhathazi ukuthi ngabe bakhona abahlala kulamahlanze, kuleli Iameva.  Noma Iezi zimpi zazingazi ukuthi ikhonyana imizi, zazingeke zazi ukuthi bangakanani abantu abakuyona.  Kanjalo neinfuyo yayingeke yaziwe kalula ukuthi ingakanani.
Ngenxa yalokhu kungathikaziswa yizimpi zakwazulu, abakuleli lakithi kabazange balandele ngokuphelele ukuthi izimpi zakwazulu zazenzani, zihlasela ktiphi, obani, ngaso sonke isikhathi.  Babengenandaba nje nazo, zazingaphatlielene kakhulu nabo.

Iminyaka eminingi sesaba kuleli, impilo yethu yayilokhu itshweze kamtoti kungekho kuguquka okubi okufana nokueoboshisiswa noma ukuthunjelwa izinkomo yizimpi.
Engani kwashaka lowo abanye babethi akasinkosi yabo bona.  Bewakhomba ngapha nangapha amakhosi abo, besho nezizwe ezaziphethwe yilamakhosi nobukhulu bazo.  Abanye babekhomba amakliosi ushaka ayesaivahlula kudala wawabulala, noma amanye azithelela nje kuye.  Abanye njalo babesathi amakhosi abo asendulo ngosibanibani nosibanibani, amagama angaphathwa yilaba abafundisa ezikoleni.
Lokhu kwakwenziwa yingoba abanye bendlu emnyama babetshelwa ngoyisenikhulu ukuthi kudala impela ayekhona amakhosi ayehlonipheka, egqame emedlula le kude usenzangakhona.  UShaka-ke wayezalwa ngusenzangakhona owayengagqamisile okwendodana yakhe.  Uthe lapho ushaka esegqama, akwaphela kwabanye abantu ukumbukela phansi,

50

kakhulu labo ayengazange afinyelele kubo abahlasele.  Laba-ke ababecabanga kanje ngaloluhlelo lwamakhosi babethi ushaka nodingane kwakungamakhosi ayebusa ngegazi, izwe lonke libomvu ligazi, lidindilize izidumbu ezisala ezimpini, ligcwele izinkubela, izinhliziyo zabantu zibomvu, uthando kungelokuphoqwa hayi oluzishunqela Iona ngaphakathi.
Sezaguquka-ke izinto namhlanje.  Sekwafika abelungu, sekwakhiwa izikole.  Sekuyaziwa ukutlii akuklionto yagcina yaphumelela ngegazi, kanjalo nangempoqo.
Lawo mazwi okuthiwa ashiwo ngushaka eseqaqanjelwa umkhonto ezibilini, ashesha afezeka.  Lapha umphefumulo womuntu sewenza amalungiselelo okuwushiya umzimba, umnini walowo mphefumulo uyaye anikwe ithuba lokulunguza kancane phambili abone okufihliwe ngawo amehlo akhe lawo asemhlabeni asuke esezocimeza.  Amehlo alabo abasaqhubeka bephila emhlabeni abona lokho okuphambi kwawo kuphela.  Amehlo alabo asebazoshona afana nawonwabu ngokwazi ukuphenduphenduka abuke nxa zonke.  Ngokwazi-ke ukubuka macala onke, labo asebehamba bakwazi ukuqhathaiiisa izinto bakwazi ukukhuluma basho ukutlii ikusasa liza liphetheni.
Akusangabazisi ukuthi umntakasenzangakhona walunguziswa walibona lelizwe likulesi simo esikulo namhlanje.  Akumangalisi ukuzwa ukuthi wabahleka labo ababemgwaza becabanga ukuthi ngaleso senzo bayokwazi ukuzigxavulela wonke amandla nobukhosi.
Wafika omhlophe, kwathi kungakapholi namaseko walinqoba lelizwe.  Wayenomlingo omkhulu kunowethu. lzimpi zakithi noma zazichelwa zigonywa ngezintelezi eziphambili, zikhishwe ziphakwe kwethenjwe ukuthi noma kanjani zaziyonqoba, konke lokho akukwazanga ukulingana nomlingo ngisho wesisodwa isibhamu.
Kanginalo iqiniso ukuthi abelungu banaso yini isibindi noma bangamagwala.  Kwakwenzeka ngankathi impela ukuba abakithi baze babambane mathupha nabo.  Kodwa kwakekwathi esandlwane yatholana phezulu, uzulu wakhwela wazehlela kwaba ubugingqigingqi izinsizwa zilala phansi, wanqoba.

51

Kodwa futhi kwaba khona nezimpi zasencome, zaseShiyane nasondini, lapho imiqhakazo yezimbali yezinsizwa zikazulu yaphelela khona.  Lezo zinsizwa zawa ubuqathaqatha izidumbu zeqiwa amangqeshe kujahwe kulabo okwakuliwa nabo, zikhala izinsizwa zithi uyadela wena usulapho.  Lezo zinsizwa zaziphethe imikhonto.  Zaziyiphethe zigadla, zingayidedeli nalapho seziwa, ihlale ezandleni nalapho sezilele sezifile.  Wo 1 Sibuyisela ngani ngisho singaba ngakanani isibindi somuntu ophethe umkhonto ebhekene nodubula ngenhlamvu?  Luphi Iona usizo lokuba nekhono elibabazekayo lokugwaza ngomkhonto umuntu ebhekene nenhlamvu.  Singakanani sona isiphephelo eha'@vini lesikhumba noma lingahloba kanjani? Kusiza ngani khona ukuba nejubane elimangalisayo nokwazi ulcugwaza ngokuphonsa unikhonto uhlale khona, umphathi walowo mkhonto enokubulawelwa kude?  Kwakuthi lapho kuthi nje nyaka isidlodlo otshanini iqhume inhlamvu.

lyoqhuma maqede kusaphake ubuchopho balowo obethi lungu.

Angiqonde kukhuluma ngampi.  Futhi angizange ngilwe mina kulezo zimpi.  Ngiyawubona ngiyawuzwa wona umphumela wokwehlulwa.  Sengike ngicabange manje ukuthi makube kwakumiselwe khona kwasekuqaleni ukuthi siyokwehlulwa,

kuthi izwe esasithi ngelethu ledlulele liphathwe ngezinye izandla.

Ngokufika kwabamhlophe kuleli kwabakhona ukuguquka okukhulu.  Ngizoke ngithinte Iezo zinguquko ezaba khona nezisekhona.

Sekuyisikhathi eside lamehlo ami aqala ukubona.  Ezinye zezinto esengike ngazibona ngiziqondisisa kahle.  Angimzond, umlungu ngobuhlophe bakhe.  Wadalwa wabamhlophei ngadalwa ngabamnyama. -1-lnezindlela zakhe aphila ngazo, nami nginezindlela zami engiphila ngazo.  Ukuba mhlophe kwakhe ak-usho ulcukhanya, futhi akusho ukuhlakanipha.  Ubumnyama bami abusho umnyama, futhi abusho ubuthutha.  Pho ngizohlushwa yini ngobuhlophe bakhe?  Phezu kwalokho futhi akekho owazidala, akekho oziphathele impilo yakhe ngesandla, akekho owazi ulcuthi uyogcina kuphi, nini, kanjani.

52

Ngike ngithi uma ngizilalele ngamanye amalanga ngiphuphe ngibona idlozi elimhlophe ngithi ngelomlungu-ke leli.  Awu!  Limhlophe liphaphathekile lifana noqhothetsheni lihlala ligealugcaluza njalo lingenasikhundla.  Impela idlozi lomlungu linganjalo ngoba nakhu kwabona bathatha izinto ngamawala.  Idlozi lomuntu onjalo lingeze laba elihloniphekile.








53

ix

AbaMhlophe bafika lapha baveza indaba yemigwaqo bayenza noma angithi benza amalungiselelo okuyenza.  Sayimba thina luhlanga olunsundu.  Baqamba izinqola, izimoto izitimela nezindizamshini.  Zonke Iezi zinto ziyamangalisa, kodwa ngokwami ukubona Iezi zinto kazibalulekele bungcono njengoba kucabangeka.  Zisho ukuthini nje nempela?  Ulcuthi ukuhlupheka kufice okunye ukuhlupheka masinyane?  Zisho uk-uthi indlela umuntu abeyihamba kuphele isonto lonke manje akayihambe ngelanga elilodwa?  Ngalokho umuntu angabe esahlangana nbangani bakhe abezohlangana nabo endleleni, axoxe alale uma elala, ahlatshiswe uma ehlatshiswa, kugaywe umphako anikwe ahambe.  Akusekho kwenza amalungiselelo endlela, akusekho kugaya mphako, umuntu usehamba ekuseni abuye ntambama.
Ngesikhathi abantu behamba n,-,alezi zinto zabelungu ezidledlemuka, emigwaqeni, okuthiwa yizimoto namabhasi, imvamisa yabo bahlala nje bathule akukho nakuxoxa kokwenamelana lokho esasikwazi ngezikhathi sisakhula lapho abantu bendawonye.  Ingcosana ezama ukuxoxa k-uthiwa ixoxa iwaphakamise kakhulu amazwi kuthiwe kiifanele iwehhse.  Khona lapho futhi kufuneka izincwadi eziningi zezimvume zokuya lapho uya khona, nezokuthi kambe ikhanda lithelelwe nje na.
Sekuyaphela ukudabula izinkalo izinsizwa zihamba ziphungula emagobongweni emibondo, sekwaphela ukubuzana izintombi ukuthi zakhombaphi.  Amabhasi ahlangana endieleni kawami axhawulane axoxe njengabalitu.  Ukujaha ukubuyela emsebenzini ak-usalcuvumeli ukuphambuka umuntu aye lapho kusindwa ngakhona, engabe buyamehlula njalo alale khona avuke ekuseni ahambe.
Abaningi abasha bathathekile yikho konke lokhu okwafika nomlungu.  Kodwa mina engikubuka ngamehlo akade

54

ayebona, Iezi zinto emqondweni wami zilumbaniseka nezinhlupheko.  Qha, impilo yayingamiselwe neze ukuthi iyophilwa ngalolo luhlobo.
Obabamkhulu bathi kabazange bakubone, mina ngithi angizange ngikubone ngikhula, nabanye basho njalo.  Lokhu esingakaze sikubone-ke yizifo ezafika ngesikhathi kufika nabelungu.  Kwakubonwephi ukuba umuntu akhm,ehlele akhwehlele anciphe aze abe luqhotho, agcine esekhipha nezikhwehlela ezinegazi-ugonqogonqo ongapheli ohlasela abadala nabasha babesezinhlungwini ezimangalisayo.  Kanjalo nezinye izifo ezifana nesipatsholo nesifo sebuba zazingaziwa nakancane. Ziningi futhi ezinye izifo ezafika iiabo laba abafika abahlala bezulazula behla benyiika begciluza okwezintuthane esidulini sazo sisanda kupeketulwa ligeja lomlimi.
Lezi zinto zinomyocu iii:ipela empilweni yomuntu.  Kungenzeka kanjani nje kodwa ukuba umuntu aphile kahle futhi akujabulele ukuphila uma egula edlavazwa ubuhlungu?  KuHqiniso ukuthi umlungu wafika nayo futhi imithi yokwelapha Iezo zifo ezamlandela eza lapha.  Kodwa leyomithi nendlela okwelashwa ngayo kulungelana nabo nje kuphela hayi nabaNsundu.  Kujahisa ukuba kwelashwe isifo leso angabe esathungath@va atholwe lowo ukufa okuze ngaye kwaze kwafika kulona olashwayo.  Kodwa ngisho nezithombo kazimili zingatshalwanga.  Kungenzeka kanjani-ke ukuba izifo Iezi ziqhume kungekho muntu ozitslialile emzimbeni walowo ogulayo?
Kaningi ngigula kanzima ngisezinhlungwini ezinkulu.  Kodwa kuyo yonke impilo yami ende kangaka ngihlaselwa yizifo, ngangiziphungela amakhambi, noma ngizethele, kwesinye isikhathi ngiphalaze emva kwalokho ngizisindele.  Kwakuthi-ke engabe uk-ufa lokhu kudlula kuyaphikelela ngiziyele enyangeni ichithe amathambo isho ukuthi ngiphethwe yini nokuthi lokho kubangwa yini.  Uma engabe ubekhona ongiphonsayo, nami bese ngikhendla -amayeza anamandla ngaphezulu kwalawo akhe, noma ngiyiphendule induku ishaye umniniyo, ukufa lokho kubuye ngaye.
Namhlanje sengikhule ngafinyelela kulelibanga. lininkantsha seyaba bomvu, igazi selibubende ngokuzothile, iminyaka

55

seyahamba.  Kukhona abathi izifo Iezi zichelwa zihlwanyelwe umoya okundizandiza kuwona amagciwane athwele Iezi zifo.  Hayi, kimina akuzwakali kahle lokho.  Kunini ngazalwa imimoya ngemimoya ivunguza ingihaqile, kodwa angizange ngikhwehlele nginciphe ngize ngife?  Sengizokwesaba amagciwane-ke manje?  Abantu sebezoganga bagange bese besulcla ezilwanakazeni ?

Ngineqiniso lokuthi ukuba abantu baqhubeka bezihlalela ngendlela leyo okhokho babo ababephila ngayo ngabe ngisho            . nezifo Iezo ezafika nabelungu kazibakhathazi neze.  Kitaina sengathi labo bantu asebe lokhu behlaselwa yilezo zifo zabaMhlophe yilabo abazama ukuphila njengoba laba abamhlophe bephila.  Lapho indlela yabo yokuphila yayicolwe yabusiswa ngubani nje ukuba isingaphangwa idaphunwe yonke kungasabhekisiswanga?

Yebo, ngiyavuma ezinye izifo zibonakala seziza njengoquqaba lwesikhonyane zihlasela wonke umuntu.  Ezinye ungathi
ziqhibuka phansi okwamakhowe ngoba akekho owazi umnyo-
mbo wazo.

Kukhona izinto ezisemqoka ezaflka nomlungu nangaphandle kwalokhu esengike ngakusho ngenhla.  Kwathi ukuba bafike bakhuleke, bacele, baphiwe, bazinze, baphumelela ekubeni libuyele ngakubo, akwabe kusenzeka ukuba abantu bazihambele bazizulele ngokuthanda.  Akubange kusaba lula ukuba kuthuthwe kusukwe enxiweni emva kokuba kade kufe umuntu omkhulu.  Lapho insimu ingasakwazi ukuhlanza amathanga nokubelethisa izikhwebu ngazimbili, akubange kusenzeka ukuba kuqhathwe enye insimu entsha.  Phela elenkosi Ialingangesibhakabhaka lingapheli.  Namhlanje kodwa sekungokunye.  Kodwa ngubani ongabe esakhala kuzwakale, ongakhihla isililo zipmnde ziguquke futhi izinto ? Sekwenzeka kwenzeka, ushaka wathini?

Lokhu kuncipha komhlabathi kwenza ukuba abantu bancishelwe futhi yizindawo zokuhlala.  Abaningi sebekhonza emapulazini abelungu, kunemithetho okufanele bayithobele, lcunokunganefiswa okufanele bangakubiki, kunokuhlupheka okubagazinga kuze kubabulale benganakubika kumuntu.

56

Abanye bacinanela emadolobheni kumangalise nokuthi baphefumula kanjani beqoqelwe ndawonye okwezimbuzi zigodola esibayeni sazo ebusuku.  Lezi zinto zibalulekile ngoba ziyiguqula yonke impilo yomuntu.  Kubonakala sekungumgomo ukuba wonke umuntu kube khona amsebenzelayo ngasosonke isikhathi sakhe.  Akiikho ukusebenza ingxenyana encane nje yosuku umuntu bese ezihambela eyozenzela akwenzayo.  Kusetshenzwa amasonto ngamasonto, izinyanga ngezinyanga, iminyaka ngeminyaka.  Kusosonke lesisikhathi kuphunyulwa amasontshwana nje ambalwa umuntu abizwe khona futhi.
Kukhona abahlala ezinkomponi kukhona abahlala ezindlwananeni mhlawumbe okwakungezezimoto duze nezindlu zangasese, lokhu phela esilungwini kuyiwa ezindlini thina siziyela esigangeni.  Kukhona abahlala emaxhokovananeni amandiya lapho emgwaqweni kugewele amaphepha namakhasi kabhanana, lapho kushaluza amayebhuyebhana izingane zigewele amakhovula, lapho abantu behlangana bangabingelelani. lapho kungasekho nakubuza impilo.  Lapho ububi bungatliutheki, lapho ubuhle bungasaselwa.  Lendlela yokuhlala yenza abantu bawalahle amagugu abo angamasiko, yenza bakhohlwe yimininingwane eyayigcinwa ngoyisemkhlilu, yenza ubuntu balabo bantu abahlala kanjalo buphele.
Okunamhlanjena nje thina esisabazisayo abethu asebashona sesithathwa njengabantu bokuhamba yibo abantu bakithi uqobo.  Kuphelile ukuhloiiipha abantu abadala.  Isithunzi ikhehla elase limpunga ekhanda elahnaso sesaphela.  Engani nezingane impela ezaphuma emathunjini akhe umuntu kazisamhloniphi?
Okunye-ke abamhlophe abafika bakwenza kuleli ukusifundisa uhlobo lwenkolo esasingalwazi.  Lokhu bakwenza ngokukhulu ukuzinikela nokushisekela.  Angingabazi ukuthi lolu uhlobo lwenkolo oluhle.  Kadeni izinkolo zonke kazizinhle yini na? Angithi cishe zonke zisilungiselela okuthile okuyokwenzeka kuthina lapho sesifile?  Zonke zitlii dela konke, dela injabulo yomzimba, dela ingcebo yalomhlaba, dela zonke izinkambo zalelizwe ukuze umphefumulo wakho uthole ukusindiswa

57
c

nentokozo emva kokufa.  Zonke zibuza mbuzo munye wokuthi kuyomsiza ngani umuiitu ukuzuza konke okomhlaba kodwa alahlekelwe umphefuniulo wakhe iia?

Thina sasizikhonzela amadlozi.  Sasishweleza kuwona lapho siphambukile endleleni.  Ngalendlela sasikholwa ukuba ayakwazi ulcusimela asikhulumele kumvelinqangi.  Ngizwa manje labo abakholwayo bethi kuthiwa asingazihluphi sethembele kokhokho bethu asebafa.  Kuthiwa nokuphila kwabo kwakungasho lutho, kuthiiva bangakhuluma kanjani noNkulunkulu babengamazi nakumazi.  Kuthiwa sonke masikholwe kunkulunkulu kuphela.  Kuthiwa munye kuphela ongasikhulumela nonkulunkulu.  Kodwa-ke mina ngizazela mina ngokwami, hayi ngokuzwa ngendaba, yilokhu kwathi nhlo abakwagumede baqonde njengothi lomkhonto, konke abakwenzayo nababekwenza abangasekho kuqotho futhi kwakuqotho.
Sinesisho thina sokuthi ubumnandi botshwala buzwiwa

ngomlomo.  Kuleminyaka edlule kade n bukisisa ngehlo cli-
gi

bukhali bonke labo engihlezi nabo.  Yimuphi umehluko ngempela ngempela phakathi kwalabo bantu abagqoka isilungu, baziphathise okwabelungu nalabo abasazigqokela amabhayi namabheshu, abasahiza nabasavunula ngobuhlalu, labo abagqoka bacophelisise ukuthi imizimba yabo imbozekile ithe ngci, nalabo abanganamahloni okuveza imizimba yabo?  Labo-ke asebeyisilungu kuthiwa ngasebaphenduka, kanti abanye kuthiwa, futhi nabo bayazisho ukuthi, kabaphendukile kabasimakholwa bona, babambelele kokomdabu.
Ngokubona kwami kufancle impela ukuba kube khona umehluko oqavile phakathi kwalezi zinhla ezimbili zabantu owedlulele kulomehluko wezingubo abazigqokayo.  Kodwa-ke mina ngiyehluleka ukubona lowo mehluko.  Mhlawumbe uyangibalekela umehluko lowo, kawuhambi ngendlela engihamba ngayo noma mina ngithuka sengiwugegele ngingasahambi ngendlela ohamba ngayo.  Kodwa-ke ngiyehluleka ukugubuzela ngifihle lokho okubonwa ngamehlo ami.  Ngikhuluma nje nantuya uklele lwalabo abathi bangamakholwa nabagqoka isikholwa.  Loluklele luphuma k-uyobhula esangomeni.  Isa-

58

ngoma kade sizishwibashwiba phambi kwabo beshaya ihlombe
bethi: "Yizwa mngoma, yizwa nmgoma, yizwa!  Yizwa 1!

Yizwa!!!"
Laphaya ngaphesheya komfula uthukela, umuzi wakwaDludia, umakhelwane wami, ugqoka izingubo ezimhlophe qwa okweqhwa.  Baphatha izinduku ezineziphambano, bahlabelela bethandaza beshumayela kuze kuse qhibu, bashe amazwi kube njeya.  Kodwa ngikhuluma nje kunemilanjwana emibili laphaya eyatholelwa ekhaya noyise kabazebaziwa.  Ngikhuluma nje lolo ludaba lusadingidwa namanje.

Kulamasonto aphelile bekunendumezulu yomshado kwaZinti.  Inyama kwakungamafehlewane, utshwala bungehli emphinjeni buvutshelwe ngempela bungangamanzi okuphala izikhumba.  Kwathi emini lapho ledlula okhakhayini abayenda, bethuka, baxabana, bakhala, bahleka okungasapheli, yilabo ababegqoke amabhuluko ezimfulani namayembe

amhlophe.
Omunye untanga yami okuthiwa umagiza, esazana naye kudala sisengabafana sikhula, uthi yena useyitholile yonke insombululo yalento, useyazi ukuthi uzokwenzani.  Umuzi wakhe wakhe eduze nemishini.  Sewazitshela izingane zakhe ukuthi uma esegula kakhulu sezibona ukuthi usezokufa azibophuthuma zilande umfundisi azombhabhadisa enze nezinye izifanekiso ezithile angazazi yena ukuthi ngezani kodwa athemba ukuthi zidingekile.

Ngalendlela umagiza ucabanga ukuthi angawahlakaniphela amasonto; azuze enze konke okomhlaba ajabulise inyama yakhe ngokuthanda kwakhe, kodwa futhi acothele lokho okuthiwa kukhona ngale kwengcwaba.
Angikholwa ukuthi lento umagiza ayenzayo iqondile, nokuthi iyombuyisela.  Ngeke.  Kodwa umagiza akayedwa kulokhu kuxubana komqondo.  Abaningi balaba bantu abagqokayo baphila kanjalo.  Bacabanga ulcuthi bangakhetha bayocule-bayayivuma inkolo entsha kufinyelele ezingeni ehthize elivumelana nabo, kodwa n-gakwelinye icala banathi, basabambelele kakhulu emasikweni ethu ahamba ahambe aphikisane nenqubo yabo manje.  Akukho kuzidela, akukho

59

kuhluphekela injongo ethize kuzo zombili Iezi zindlela. lm ela p ngokubona kwami angisho ukuthi bukhona ubuhle obunga-

vela ekwenzeni Dje.

Empeleni khona lolukholo luwenzile umehluko othile oqavile empilweni yomuntu.  Khona nje ukugqoka izingubo phela kusho inguquko ethize.  Kwakhona futhi ukufundelwa imibhalo umuntu ezwe into okuyiyona yona onke amalanga, ichazwe ngezindlela eziningi ezizwakalayo nezingazwakali, kusho inguquko ethile mhlawumbe.

Kaningi nami ngibuzwa ukuthi angilahli ngaiii phansi ibheshu lami ngizibandakisane nalabo abasoiitayo.  Kutlliwa izinyoni zezulu kazilimi, kazitshali, kazivuni kodwa unkulunkulu uyazinakekela kazidingi.  Amnandi lamazwi abunjwe kahle, kodwa kawayigculisi ingqondo yami.  Ukhona yirii, wonke umlilaba jikelele, osewake wezwa ukuthi kukhona okunye inyolii enakho ngaphandle kwesidleke sotshani?  Uthi izingane zami nabo bonke ababheke mina emehlweni ukuba ngibanike ukudla bangavuma ukuphila impilo yezinhlwa ka.iialo, baphile ngokwethemba abangakuboni kuphela, kun eklio lutho lapha eldiaya emasimini nasesibayciii?

9
Lendaba kankulunkulu isemqoka kakhulu.  Akukho muntu okufanele ukuba acabange ngomsuka kamveliiiqangi, umqambi waklio konke.  UMvelinqangi wehlukile kithina esifayo.  Mdala ngokungelingaiiiswe, uhlakaniphe ngokungelinganiswe, akukho muntu ongamchaza ukuthi ngempela ngempela ungakanani.  Wayekhona kwasendulo, ukhona namanje, usayokuba khona njalo njalo.  Cishe ukuthi uyikho konke lokho izinkolo ezithi uyikliona.  UnguMvelinqangil tiyisiqalo sakho konke okukhona.

Kusobala ukuthi umuntu usuke ezicabangela yena nj'e ngokwakhe uma ethi umveliiiqangi unje, unje.  OkukaNkulunkulu loklio okufezekile, leyo yindlela asebenza ngayo yena.
Sonke siyogcina sazile emva k@vesikliathi, kodwa kuze kufike leso sikhathi esiyokwazi ngaso, yilowo nalowo umelwe ukuba awahloniphe amasiko oyisemkhulu, ukuze bagculiseke,

kuthi nalapho esekuhluphekeni nasekwesweleni bamkhulumele bamcelele.

60

Sengimdala, kade ngibona.  Akulula kimina esengiqala ukuba ngiphenduke esinye isimo, ngibe omunye umuntu.  Bayadela bayajabula labo abeneliswayo yilentshumayelo entsha.  Ngingeze ngabaphazamisa.  Into nje akugxili kimina, ngilokhu ngihlushwa ukukhumbula abakithi abaphansi.
AbcLungu bafika nemfundo kuleli.  Imfundo lena yinto entsha impela kithina.  Ngabazali okufanele bafundise izingane zabo, uyise afundise amadodana akhe n,-ezinkomo, ngok-uzingela, ngokulwa nangombuso wenkosi, nokuziphatha ezweni nangamakhambi athize okufanele asetshenziswe asizayo lapho umuntu enomkhuhlane.  Unina kufanele afundise amadodakazi akhe ukuplieka nakho konke okumayelana nokudla, ukuziphatha kahle nokuzakha.
Lendlela yokuthatha zonke izingane ziqoqelwe ndawonye imihla namalanga, zisuswe kubazali bazo zifundiswe zonke izinkii.nbinkimbi Iezi, ezinosizo olubonakalayo nolungabonakali, intsha impela kithina.
Umphumela walokho ucacile nokho.  Uma ingane isike yaya esikoleni ayibe isaba yiyo ingane yasekhaya.  Esikoleni ifundiswa ukufunda nokubhala nokusebenza izibalo, kodwa kungagcini lapho.  Ibuye ifundiswe futhi ukubukela phansi labo abangayanga bona esikoleni.  Umuntu okwazi ukubhala phansi, apose incwadi iye egoli kubuye impendulo, uzibona yena engcono k-unalowo ongakwazi ngisho -ukubhala igama lakhe.  Lowo okwazi ukubhala igama lakhe uyaziqhenya ngalokho, kanti okwazi ukwenza umfanekiso wesiphambano nje kupliela lapho kufanele abhale igama lakhe khona, uyazinyeza.
Lowo obvazi ukukhuluma achaze amazwe ngamazwe aphesheya kwezilwandle lapho abelungu bavela khona, owazi nezimpi zabo ezinkulu belwa besolwandle nasomoyeni, uzibona ephezulu ngomqondo kunalowo owazi umsinga nezimpana zokuxabana kwezigodi kuphela.  Ngizwa futhi kuthiwa kukhona amazwe lapho umhlabathi ungabonakali khona, lapho kuliqhwa nomkhithiko kuphela.  Nezinye izindawo lapho inkosikazi ingaba nabayeni abaningi.
Ngomthetho lolulwazi lufanele lubenze bahlonipheke labo abanalo, babe lusizo kwabanye abangenalo ngokuba

61

babachazele izinto eziningi, kuthi okumnyama kubona bakukhanyise.  Kodwa-ke akunjalo.  Ukuba nalolulwazi kwelinye iqembu nokungabi nalulwazi kwelinye, kweiiza igebe phakathi kwalezi zinhla zombili zabantu.

Khona ekugcineni, lemfundo iyokuba lusizo olukhulu ezizukulwaneni zabansundu, kodwa okwamanje imfundo lena iseyimbangi yokwehlukana kwabantwana bakazulu; yoktibukelana phansi, yokwethukana, yokuzondana, neyokudibaniseka imiqondo.

Endulo abansundu babehlala babengamaqoqo ngobuzwe bephethwe ngamakhosi ngamakhosi.

Abendlu yobukhosi bakwazulu bazama bona ukuzihlanganisa zonke Iezi zizwana.  AbakwaMthethwa, abakwandwandwe, ababyadlamini, nabanye, bahlanganiswa baba yisizwe esisodwa.  Ngenxa yokwesaba, nangoba ukwenza noma yini enye kwakusho ukufa, izizwe nezizwana Iezi zalalela, zase zilahlekelwa uphawu lobuzwe bazo.  Ngamanye amazwi, kazibange zisakhonza emakhosini azo, zaziwe ubuzona, kepha zadidiyeleka ndawonye zonke zabizwa ngokuthi zinguzulu.  Kwaqanjwa amasiko amasha amanye amadala alahlwa.  Kodwa-ke imvamisa izindlela abantu ababephila ngazo kaziguqukanga.  AbakwaQwabe baba sesigodini sakwaqwabe.  Ukuba ngowakwaqwabe-ke kubona k-wakusho okukhulu kunokuba nje umuntu wakwazulu.

Amakhosi ayafika ahambe.  NoSenzangakhona bazalwa bafa, noshaka baduma bedlula, nozwide bababakhulu bancipha, kodwa ikhaya liqhubeka njalo.  UShaka wazigwinyagwinya zonke izizwe wazididiyela ndawonye, wakhipha amabutho amaningi ayephoqelekile ukuba alwe ethanda noma engathandi.  Impi yayiba nkulu ngenxa yobuningi bamabutho.  Izinsizwa zazimlwela.  Oyise bazo nabo babekhonzile enkosini.  Kodwa phezu kwalokho akuphelanga ukwazisa labo umuntu avela kubona.  Namanje kusekhona izigodi ngezigodi ezaziwa nje ngok-uthi ngezasek-uthanathaneni.  Lokhu kufakazela khona ukuthi abantu kabakhohlwanga ubuzwe babo nokulandela okhokho babo, ngisho ushaka esedidiyele ndawonyo wonke umuntu.

62

Akuhlangani futhi akuhambelani.  Idlozi lakwazulu lingamenzelani umuntu wakwanxumalo?  Lona elakwanxumalo lingamenzelani owakwalugojolo?  ElakwaZulu linakekela abak-wa Zulu, elakwa Nxumalo abakwa Nxumalo nelakwal-iigojolo abakwalugojolo.
Ngesikhathi umbuso wakwazulu usukhulile waqonga ubebekelela ngokwehlula ezinye izizwana unyathela phezu kwazo, amakhosi akwazulu kawakhohlwanga ukuqeqesha amabutho ukuba angabinasihawu, uk-tiba abe nezinhliziyo ezilukhuni ukuze akwazi ukugwaza ngisho nomuntu wakubo noma wobuz-,ve bakubo, uma seliphumile kumlomo ongathethi manga.  Lokhu kwakwenzelwa ngoba ayeselokhu ekhona amanye amakliosi amancane ayesalokhu ekhalele uk-wephucnva kwawo amandla okubusa abantu bawo.  Ezinhliziyweni zamakhosi amancane kwakukhona amagqubu, engewodwa, kepha kukhona futhi nethemba lokuthi luyofika usuku oluyokuba yisilima lapho eyophinde axephuke kulolo luzalo lukajama.
Imithetho kashaka eminingi yayilukhuni futhi ingenabubele.  Abantu babengayesasele. lzinsizwa nezintombi zazingabonani ngaphandle kokuntshontsha okwakuyingozi empilweni yabo uma beke babanjwa.  Noma sebethanda ukushada babengashadi bengajutshwanga inkosi, ngakho kwakungekho muntu ababeneqiniso ngaye ukuthi uyobagcina ababheke lapho sebebadala-kwakungekho zingane ababengazizala.  Isiko elidala lokusoka abantu ababelikhonzile, ushaka wallqeda ngoba ethi liyamthikazisa ekuqeqesheni amabutho afuna avuthwe empini.
Manje konke sekwedlula.  Abaningi bakwazulu kabasayazi nakuyazi ukuthi lento yake yabakhona.  UZulu usewabukela phansi namhlanje amabhaea namampondo wona asasoka.
Manje esengathi izikole zifeza okuningi okwehlula ushaka.
Ngisengumfanyana mina sonke sasiziqhenya.  Sasithi ibhaea, impondo, iyhosa nomsuthu ngezinye lzizwe.  Sithi futhi bayizizwana zokufika ezingaphansi kwethu ngakho konke.  Sasikwenza nje sizigangela ulcuba sikhulumise intombi yalabo esasithi yizizwana kodwa sasingeke siganwe yiyo

63

ngisho liphuma ngisho lishona.  Abafowabo balezi zintomb bona babengeke basliele kwezethu, lutho lutlio kwakungafiwa..
Uma kufike umuntu endaweni ongazikhiphi kahle azichachise izinhlamvu zesizulu, wayeba iillilekisa yaso sonke isigodi, ahambe elingiselwa.  Abanye-ke sasingabezwa nj'e nokuthi bathini, futhi singenandaba nje nalokho ukuthi asilufunde lolulimi lwabo.  Lapho sihlushwe yini?  Kodwa bona basifunda isizulu, masinyane futhi.  Kwathi thina sazi ulimi olulodwa bona base bazi ezimbili.  Kwadlula akwasihlupha futlii nalokho.

Mayelana nezintombi zakithi sasethemba abantu esibaziyo kuphela.  Abantwana bazo zonke izizwana zakwazulu babeganana uma bungekho ubuhlobo.  Phela ubuhlobo babaziswa kakhulu.  Umuntu wakwasangweni ngeke aganwe yintombi emkhulu wayo uzalwa nguMaSangweni.  Kuseyisihlobo nalokho kodwa namhlanje abaiiye sebeganwa ngogogo babongabantu abanezibon-O ezifana iiezogogo babo.  Uma kwakuthuke kwenzekile lokho, kwakuhlatshwa k,@venziwe izimfanelo zakhona. 1,'-wakungafani nakobelungu bona beshada ngisho izibongo zifana cimikiji, bathi nje abasibona abozalo.  Thina sasibazisa ubuhlobo.  Nabangesizo izihlobo babephathwa kahle kodwa ongesiso isihlobo wayengayingeni eyomndeni uma kukhona izindaba ezidingidwayo ekhaya zipliathelene nabakhona.

Kukhona okunye okungixakayo.  Kukhona abathi bayakwazi ukubona ukuthi Iona libhaca, Iona IiXhosa, Iona ngumzulu, Iona iigumsuthu, nangaphandle kokubona ngokudebeza ubuso lokho okulisiko lwezinye izizwe.  Kangazi-ke lapho ukuthi babona kanjani ngoba mina sengike ngawabona amazulu afana nabathwa, namathonga anomzimba oqondil e nobuso obufana nie iiobamazulu.  Kukhona abanye futhi aba-

Nsundu abathi bayakwazi ukubona nje iigarnelilo ukuthi qha libhunu lenipela leli, lingisi leli, yisikotshi lesi, kanjalo kanjalo. Nalokhu kangazi ukuthi bakubona kanjani.

Ezikoleni namhlanje izingane sezifundiswa ukutlii umuntu omnyama uyafana nomunye umuntu omnyama.  Noma lowo muntu omnyama usokile, udebezile, ukleklile, akakleklile, 64

a wazi ukukhuluma isizulu sodwa noma ukhuluma futhi nom
sengathi umumethe ixoxo emlonyeni, noma ukhuluma acacise, noma isingisi usikhipha nangamakhala, akafanele ukubukela phansi omunye omnyama. lzingane azisakwazi ukuba zingabe zisacabanga ngenye indlela uma esikoleni zihlala esihlalweni e kungakhathalekile noma ziphuma emizini yezikhulu siny
noma yezimpofukazana, noma usiko lwazo ukunquina ucikicane noma ukun,,-,ayidli ingobo, noma isizulu zisikhuluma zingasiqedi noma ziyasiqeda, noma zithi, "uyamyazi" esikhundleni sokuba zithi "uyai-nazi".  Kazinakulibukela phansi ix]iosa uma uthisha omkhulii wesikole kuyilona.  La o izingane zif-uljidiswa ezemilando ezazishicilelwa ngabamhlophe phansi, kuyazikhanyela ukuthi izizwana nezif-unda azinakuzwakala ukuthi zithini eii-ihlabeni omkliulu kangaka nonabantli abaningi kangaka uma zehlukene.

li-nfundo inkulu kunamakliosi amai-ingi asazama ukuphoqelela izinto licezikhathi e,.iphambili iiesethu.  Inkulu kunoSliaka. lyofeza lokho okwamehlula. lzikole azizukuqokothisa ubuzwe bukazulu k-Lphela, kepha zizololonga lonke ulilanga olunsundu, oluzok-wazisana okweziii-,ane zomuntu oyedwa kusukela olwandle eningizimu k,,iye kufinyelele ezweni enyakatho kwelikamzilikazi, kuze kwedlulele futlii lapho.
Kukhona amaheinuhemu okuthi izikole ziyogeina zipha-
thwe ngabansundu.  Kazi iyozala nkornoni.

Okunye okwelekelela ekubeni izizwe ezinsundu zililangane, yikusebenza ndawonye emafektliri, ezinkomponi -ii abansundu nasemig@vaqweni.  K,,vakhona ukuboshwa abant

bafakwe ndawonye, bajeziselwe ezindaweni ezifanayo rangendlela efanayo kwakha ubuiigani nobuhlobo.  Kodwa-ke abantu asebebadala kabaziguquli izindlela zabo abaphila ngazo nabakholelwa yizo njengoba abancane benza.  Uma kukhona umhlobiso ofuna ukuwuloba okhambeni olubumbayo, lomhlobiso oqoshwayo, ungenzeka kahle kuphela uma ukhamba lusabunjwa, udongwe lusathainbile.
Indlela engiyihambayo inde,- inamagwinci, angingathatheki ngiholwa umoya, amagwinci angaka anginakuwaqeda onke, ngubani ongakumela ukuhamba egudla uinfula egwinci-

65

za nawo aye afike olwandle engakliathalanga endleleni ?  Ngakho sengizonqamlela, ngixhumelele indikimba leyo engizimisele ukugxila kuyo; indodana nendodakazi yami, abantabami eiigabathola sengimdala.  Ukuzalwa kwabo kwanginika intokozo enkulu nethemba lokuyiphetha kal-de impilo yami kulomhlaba.








66

X

Ukuba ayaye aphile onke futhi abendawonye amatshwele esikhukhukazi esesazalela sachamsela kakhulu ngabe kasiwazi wonke amatshwele aso.  Amanye singahlangana nawo endleleni simangale siwaphike sithi siyawaqabuka.
Nginezingane eziningi.  Noma ngizikhumbula zona ukuthi zazingaki angisenalo iqiniso impela njengoba ngike ngasho, ngaganwa ngamakhosikazi amane.  Lamakhosikazi angizalela izingane eziningi.  Ezinye zalezi zingane zazizifela zisencane ngaphambi kokuba zibe ngabantu.  Ezinye zazenelwa yimikhuhlane, ezinye zikh-@vehlela nohlonyane lungasizi, zigcine zifile.  Kukhona ezazifa sezithe xaxa, ezinye zishone sezelusa.  Inye intombi yami, umthabiseni, eyashona isiceliwe.  Ngaphandle kwalokho ezinye izingane zaphila kahle, imizi yami yomine yaba nentokozo.  Onina babeziqhenya ngabantababo kangangokuthi kwathi lapho izingane sezlkhulile, igugu kwajika kwaba yizona konina akwaba kusaba yirnina njengala besengabakoti.
Zakhula izingane Iezi, kwathi emva kwesildiathi nazo zagana zaganwa zazitholela izingane zazo.  Lwanda uzalo lwami, ngaba ngubaba nomkhulu wezingane eziningi.
Emva kwesikhathi izingane zomfowethu owayedilikelwe umgodi esebenza ezimayini, zeza kimina zazohlala.  Nalezi zingane kwakusengabantabami, zitlii baba kimiiia.
Wonke umuntu unothando lwabazukulu bakhe, kepha kulukhuni ukubakhumbula bonke abazukulu kumuntu osuke esemdala esengangami.  Kakhulukazi-ke manje, ngoba bakhona abanye asebathutha bahamba.
Njalo ngankathi thize enye yamadodana ami yayikhuphuka iye eGoH iyosebeiiza ezinkomponi lapho kwakusebenza umfowethu lo izingane zakhe ezagcina sezibuye kimina.  Kwesinye isikhathi-ke izisebenzele emigwaqweni uma ingasayanga eziinobeni.  Dukuduku lomfana wami walandelwa ngabanye 67

abafowabo kuyosetshenzwa.  Besaqala ukuhamba abantabami babengitliumelela imali ukuba ngibagcincle.  Ngangingayenzi lutho imali yabo mina ngokwami.  Ngangingayidingi.  Kwakuthi nje uma kukhona into ekade iphuthunia kwaze kwaqhashwa imoto, ngikwazi ukukhokha.  Uma kukhona umnumzana ochithisa ithodlana lakhe ngoba efuna imali yokuthela, n..Iibathengele Iona uk-uze bakhule benemfuyo okuyiyona ikliombisa ubudoda bomuntu.  Mina izinkomo nganginazo.  Ngangingabalobolela bonke futhi uma ngithanda.  Kodwa n.

.,angi-
funa ukuba kwabona kebabukhombise ubudoda babo.  Akukho muntu ongahlonishwa engafuye nkomo.  Inkomo nomfazi kusho into eyodwa. lzinkomo zilobola zikhokhele intombi lapho; ithathwa.  Isiyinkosikazi izala namantombazane.  Esekhulile ayalotsholwa kiibuye izinkomo.

Kwatl-d-ke kodwa emva k-wesikhathi kangabe ngisabona mali ephuma kulaba bafana.  Kwase kuthi noma kuthuke k-uthe gqwa, ki-,be yinto nje encane yokudlala, umuntu akhohlwe nje ukuthi imali lena basebeyidla luhlaza yini.  Ngokuhamba kwesikhathi amadodana ami angenwa yisilungu.  Aqala ukucabanga ngendlela engangingayazi.  Azibona esengamadoda nawo ngokwawo esenokuziphathela konke okwawo noma ngangisapmla.  Yebo bona beza kimina bezobika ukuthi sebefuna ukut@liatha.  Kwalungiswa indaba yelobolo, ngabakhongela mina mathupha ngabashadisa kwathi du.  Baqala-ke ukuthutha ekhaya ngamunye ngamunye.  Namhlanje abanye bahlala emapulazini amabhunu, bengena bephuma besebenzela ukukhonza kwabo lapho.  Abanye sebahlala emadolobheni. izindlu zabo zisondelene kangangokuba uniuntu kufanele aqaphele lapho echitha khona amanzi angaze athele omunye naye ozimele endawaneni yakwakhe.  Abanye-ke bahlala ezinkomponi lapho kuduma kliona imishini kwasa.  Abanye angazi ukuthi ngingalibhekisa ngaphi uma ngibafuna.
Nakho okunye okulokhu k-tingibelesela engqondwerii yami kuthi angikusho ngoba angizange ngikuphathe.  Kufufusa njengekhowe liqhibuka.  Lokhu kuniayelana nezinye zezinto ezibalulekile ezazifika nabelungu.  Sasinaban-umzane abanemizi enothile kanti futhi sinabanumzane abanemizi empofu 68

Lokho kukhona futhi kwabamhlophe.  Kukhona abacebile kukhona abampofu.  Kodwa-ke kithina kakunamehluko omkhulu.  Kithi labo abanothile, indlela abaphila ngayo kayihlukile neze kakhulu kuleyo yabangacebile.  Umnumzane ocebile angaba nodwendwe lwamakhosikazi, nezinkomo eziningi kanye nezimbuzi, kodwa udla khona lokho lcudla okufana nalokho okudliwa ngompofu, ugqoka okufanayo nalokho okugqok-wa ngompofu, uzilalela elawini lakhe, emacansini, njengoba nje k-ulala norna ngubani omunye, omi kahle nongamile kahle.  Ubuninandi nobuntamuntamu abutholayo yena ngomnotlio wakhe ukudla okuningi, ukuganwa ngamakhosikazi amaiiingi, namacaiisi nlhlawumbe abhondwe kahle, futhi amaningi, nezikhumba eziningi azendlalela zona ngokuthanda.  Kodwa-ke ngolcufanayo nalowo ompofu, umnumzane lona aluklio olungamsiza ezikhathini zendlala nezokv@eswela.  Akukho mcebo oqliubekayo ungene 1,@uyena noma lcuvume kahle emasimini noma kushe konke ukudla akutholakalanga I-utho.  Okunye-ke futhi, isiko lika.Zulu lithi umuntu akaphane nalokho anakho.  Uma umuntu esefikile ezokwethekela akabuyeli neze e,-nuniva elambatha.  Kodwa nainiihla imali ikuguqule konke.
Elinye futhi iphuzu okufanele ngilitliin,Le mayelana nokufika kwabeluiigu kuleli, yinguquko esikhona mayelana nomshado.  Ngokubona kwami umshado yindaba okufanele ilungiswe ngabantu ababili, noma iqalwe ngabanye kodwa igcine k-ubona bobabili bevurnelene.  Abazali babo nazo zonke izihlobo zabo zithola ukuthokoza okungapheli kulokhu kuthandana nokiithathana kwalababantu.  Uma unkosikazi engasazigcini izibopho zesivumelwano, uyajeziswa, uma engejeziseke aphindele kubo ayolaywa kabusha.  Engabe njalo mhlawumbe uhamba unomphela, bese kulandwa ezinye izinkomo zelobolo.  Nendoda futhi inezibopho okufanele izigcine.  Engabe iyehluleka njalo unkosikazi ayicebe koyise bayilaye noina emuke aye kubo aze alandwe.
lzizalo-ke, noma imizi ngemizi, yayiqambeka kanje.  Kodwa ngokufika kwabelungu i-ndaba yolcuthathana isilulazekile.  AbeLungu bazama uk-uba benze umshado kube yiyona 69

nhlanganiso esemqoka kunakho konke okunye.  Lokhu sekuwululaze umshado kangangokuthi abantu abaningi kabasawuhloniphi neze.  KobeLungu kungumthetho ophoqayo ukuba intombi nensizwa bashade uma sebefinyelela ebudalefil.  Lokhu-ke kuba yiyona nhlanganiso yabo esemqoka.  Uma abantu bengalandela lendlela nabo ngolcuphuphutheka, bangabe benza ubulima obukhulu.  Thina unkosikazi siyamthatha simlobole simbiiyise ekhaya.  Esefikile ekhaya uzala abantwana. Kodwa-ke ngaphandle kwalokhu, useyiyona ingxenye yesizalo sakubo, hayi ukuthi sekufana nokuthi usizalo sinye nami.

Ngakho-ke uma ngimnika ukudla ngimondla, ngimnakekela kokuningi, ngimnika akudingayo, ngilukhombisa uthando lwami ngingamlahli, ngiqedile.  Akukhonto angakhala ngayo, ak-ukho kukhononda, akukho kunganeliswa.  Ukufundisa unkosikazi ukuthi angahamba ayokhala ezinkantolo, koNdabazabantu, ngendaba yezondlo, kunga ubulima nobuatwana obuphindwe kabili.

Bheka phela imiphumela yenqubo yabelungu kuloludaba. lzehlukaniso iniihla ngemihla, kuphele amakhaya, kunwetshulwe izingane zimi phakathi nendawo, yilowo uthi ngezakhe akube nguyena ohlala nazo.  Lapho-ke k-uze kulamule amajaji.  Nalona elizogeina limthethile byathiwa izingane zingahlala kuye, zisazozihluphekela izingane ngoba usazogana noma aganwe.  Lowo ozogana noma ozoganwa akazukuzithanda Iezi zingane njengoba phela yena wazi uk-uthi umuntu womsha. do ngowakhe yedwa, izingane Iezi ziniuumbuza ulcuthi umuntu lo kambe sewake washada.  Sibona abafeiokazi balaba bantu befana nabantu abalahlwe ezigangeni bengenalizwe lokahlala.  Thina sazi ukuthi umkamfowethu ngiyamondla, uma esengumfelokazi nosapho lwakhe ngilubheke.  Uma umndeni weluleka ngokuthi kuhle ngandisele umfowethu indlu yakwakhe uma umkakhe ebesemncane, ngiyakwenza.
Namhlanje, ngenxa yayo imishado yesilungu belu, sekukhona uswebezane lwezingane eziningi ezingenabo oyise.  Kukhona amakhosikazi, angazi namasiko, abheka izingane ezilethwa kulendawo yezingane ezingenabani.  Ezinye zalezi

70

zingane ngizwa kuthiwa ziyaye zificwe emigqonyeni zilahlwc khona, ezinye zilahlwa ezikhotheni, ezinye zificwa ngaphambi kweminyango yemizi yabafundisi noma yezimantshi ekuseni, onina sebeshaye utshani.  Ziningi-ke futhi ezitholwa sezafa, ezinye zalezi zitholwa ezindlini ezincane, ezinye zitholwa zintanta emanzini, kanti ezinye zivunjululwa zigqitshiwe.
Namanje amadodana ami, umnkentshezi nomqemane, banezingane kulezi zindawo.  Lezi zingane bahambe bezitliola konoyabu bamantombazane abahlangana nabo emadolobheni.  Ngeke baphinde beze lapha bazothandana nentombazane yasekuthini kwazi wonke umuntu, hayi indaba yokufihla.  Bangakwenza kanjani phela lokho lokhu bashada imishado yesilungu.  Kodwa nanko-ke amacala ayizindwendwe emya kwabo abalandele.  Khona manje ngisanda kushaya inkomo ngikhokhela umnkentshezi eseboshwe ngabazali bomntwana ngenxa yokungakhiphi isondlo.  Yikuphi olcungcono ukufuya inja uzondlele yona, nokuba nomdlwane ohlala komunye umuzi kodwa nsukuzonke ukudla kuzolandwa kuwena ukuze kuphile lomdlwane?  Wena uyokwazi kanjani lomdlwane?  Uma usukhule waqeda lomdlwane, ungokabani eqinisweni?
Ngalendlela kuzalwa abantu abaningi.  Izingane Iezi eziningi ezilahlwayo nezingenabani ziqoqelwe ndawonye zihleze zihlolma ngodokotela abamhlophe.  Ziphiwa nokudla khona lapho.  Zikhula zingenamagama zikhula hayi kuphela zingazi ukuthi zazalwa ngubani, nini, uyise kungubani, kepha zingazazi nezibongo zazo.  Ngelinye ilanga sezikhuhle Iezi zingane, umuntu ehlangana nentombi enhle uyeshela aqonywe, kanti usethandana nomntanakhe noma nodadewabo!  Sezikhulile Iezi zingane ziyafunda, zibe ngabantu abadala, nazo bese ziqhuba Iona lolo ludledle lokuletha kulomhlaba izingane ezingenabani, ezingaziwa sizalo sazo.
Ekugcineni, njengoba sekuqalile ukubonakala, amasiko amasha azovela, amadala ayaphela ayashabalala.  Ukudla ngokhezo olude esasicabanga thina uk-uthi k-ulungile akugwegwe ndawo, kuzophela.  Amasiko amadala aseyobe elok exoxwa ngogogo okwezinganekwane.  Kuyangidabukisa lokhu kuvela kwamasikosiko nalokhu kwanda kwemikhubakhuba,

71

kodwa sibuye sizwe kuthiwa hleze lena yiyona ndlela umuntu

onsundu angakwazi ukuphumelela ngayo, aphile, angacoboshiseki.

Lokliu kungaba yilona iq ' iniso, kwazi bani, ngoba eku-

gcineni uzalo lwabantu lunamandla adlula ubuqhawe bamabutho.

Mina kodwa ngingo@wensimbi endala, ngiqoka ukuba ngize ngife ngizibambelelele emiqondweni emidala okttyiyona yangelusa yangihola kahle kuze kube namhlanje.  Mhlawumbe ekugcineni, labo abakhekhezelele imiqondo emisha, namasiko amasha, kuyobonakala ukuthi babeqinisile.  Kodwa ngale kwalokho kalukho olunye engilubonayo ngaphandle kwenhlupheko nokuhlazeka.

Linye kambe ithemba lami, lisesishweni esithi akulahlwa mbeleko ngakufelwa.  Ngaklio eiihliziyweiii yami ngikholwa ukuthi konke lokhu kuyedlula, konke lokhu umuntu akubonayo nokumethusayo, kuyedlula, nokuthi emva kwesikhathi abantu bazobuye bazinze futm.

Eyethu impilo yayimnandi.  Sasiyithola yonke intokozo, kodwa sasingesiyo imidlwempe, esasikwenza kwakuhamba kuflnyele ezingeni elithize.  Babungekho lobu bubhiyobhiyo umuntu abubona namhlanje.  Lapho ingane izelwe yayethiwa ngegama eyayiziqhenya ngalo.  Uma uyise womntwana engakwazi ukwetha umntanakhe igama, engasasazi nasizalo sakhe ingane yakhe engaziqhenya ngaso, yini okunye ok-ungcono angakwenzela umntanakhe?

Kangilwi mina nokufunda kwezingane zikwazi ukubhala ezikoleni.  Anginandaba futhi nokunye izingane ezifundiswa khona ezikoleni.  Uma ekugcineni, lemfundo iholela emadlelweni aluhlaza, abaniniyo bekwazi ukuphila kangcono kunokuba bebengaphila ngaphandle kwayo, kulungile.

Engingakufuni ukuba izingane zifundiswe amasiko abeLungu, angaziwa namisuka yawo, okuthiwa nje afanele, angumthetho; mhlawumbe, nenkolo yesilungu.  Ngokubona kwami lawo masiko naleyo mithetho, ngokwabelungu.  Uma kanti isonto k-ungelomLungu,k-ufuneka k-ulona amasiko abelungu, umuntu omnyama-ke uyitholaphi, nini, indawo 72

lapho?  Akukho nguquko engiyibona kuye, ngokuba ayothandaza isilungu, ahlale isilungu, ezindlini ezifulelwe ngothayela, adle ngezinkezo zensimbi.
Okuguqukayo-ke kambe yikho uk-uba lapho esenjalo acabange ulcuthi usengenza inhlekisa ngamasiko esizulu ahlonishwayo.  Umphumela walokhu ukuthi abantu, yize behlala sigodini sinye, kababe besahlala ngokubumbana lokho okwakukhona kuqala.
Lokhu ngikubona eduze kwami impela, esigodini sakithi.  Emzini wami impela, noma kweminye imizi yabantu abasabhinca, abasaphila impilo yakudala, kuze nje kube yilezi zikhashana ezedlule, bekungekho ntombazane ebesike yatholela umntwana ekhaya.  Kulemizi uthola kukhandene amaqhikiza namatshitshi.  Kulezi zintombi kayikl,,o enamahloni okuveza umzimba wayo.  Sezikhulile seziqedile, kodwa akukho lutho ezinalo esezinamahloni nalo.
Kodwa-ke ngale kwaleliya gquma, uk-uba nje uzosuka lapha kusempondozamnenke uye ufinyelele khona emini, akuhambi njengalapha. lzinto zehluke ngempela khona.  Lapho-ke, abantu abaningi bayagqoka.  Kukhona kuleya ndawo amasonto nezikole.  Lapho-ke kwenzekani?  Umuntu ubonani?  Yekanini.  Cishe ukuthi akukho ngisho nowodwa umuzi onamantombazane, ongakaze uthole inkomo yemvimba ngoba sekonakele intombazane, lapho imizi eminingi igcwele amagqinkehli.
Makube njalo izingubo nazo ziyimbangi yakho konke lokhu.  Intombazane ebukwa iqhamuka ize iyosithela, ehawukelekayo neyenza abafana bacabange bangaqedi, alcusiyona leyo enamathanga avele ngaphandle, kodwa yileyo ezinqe zayo zitshubungencle engutsheni, emathanga ayo kawabonakali, avele akaze aphelela, efaka amsokisi ihlale kucwebezele izitho kukhazimule amadolo.  Angingabazi izingubo Iezo zenziwa ngamabomu ukuba zenze umuntu abukeke kanialo.
Abantu abasebasha, izinsizwa nezintombi, bafana nenhlaba eseyomile, namakhasi kagwayi asenoqhonono lephunga.  Kuyahambisana.  Kufanele lokho kube njalo, kudaliwe ngumdali ukuba kube njalo.  Kodwa uma intsha yabansundu 73

isifundiswa ukulahla amasiko ak-,,vaZulu, isiyenza iahlekisa agabazali nokhokho bayo, isizimisele ukuthatha lokho kwezinye izizwe engakwazi ukuba kuyathuthukisana noma kuyabhashisana yini, ugwayi lowo osuke usugayiwe wathakwa nenhlaba ujika ubabe, ushoshozele, akube k-usababikho muntu owesaselayo.
lzingane zami okuyizona kwase kungezamageino zase zifinyelele ebangeni lokuba zibe lusizo ekhaya, lapho duze nje nedlelo elaleluk-ela izinkomo zami kwakhiwa isonto nesikole.
Saba side impela isikhathi umnumzane othize, ugama, enza imihlangano ngaphansi kwesihlahla somganu.  Buqamamana nomuzi wami.  Thina madoda asibonanga lutho olubi kulokho.  UGama wayeyicelile imvume enkosini, wayithola.  Ukuziphatlia kwakhe kwakungasikhalisi ngalutho.  Noma mina ngingazange kengiye kuleyo iffihlangano, ababeya kuyo babengitshela ukuthi amazwi akhe ayenobuhlakani.
Sekuzokuthi-ke emumva kwesikhathi ebesecela ukuba akhe indlu yesonto, -ukuze imihlangano yakhe ingathikamiziseki mhla izulu liphendule.  Kwathi mhla loludaba luxoxwa luvunywa ngaphansi kwaso isihlahla leso somganu, kwaba yimina ngedwa engasukuma ngabika ukuthi lesisicelo sikaGama kwakufanele singavunywa.  Ngangiyile-ke ngalelo langa ngoba kwak-ungemhlangano wesonto kepha kwakungowokudingida lendaba yokwakhiwa kwesonto.
Lamehlo ami ampunga nje kade kwasa ebona.  Okuyena muntu kuphela engisambone ezuza esontweni, ngumfundisi kuphela, hayi omunye.
Njengoba sengike ngasho-ke, akekho owayengaphika ukuthi ugama kwakuyindoda elungile neziphethe kahle.  Ngakho-ke isicelo sakhe ibandla lasivuma.  INkosi yayisivumile, izwe kwakungelayo, akekho omunye owayengaphinde ayiphikise ngaphandle nje kokukhononda buthule.  Lahlakazeka ibandla, wabonga ugama.
Duk-uduku yasuka indlu, kwakuyindlu ekhule yaya phezulu, uphahla kungoloqunga.  Indawo yesihlahla somganu yathathwa yindlu, kwasontelwa esontweni.  Kwakuthi njalo-ke ngamasonto ekuseni siwabone amakholwa eseqonde esontweni. 74

Kwathi sisabuka lokho wanyamalala ugama.  Kasazanga ukuthi uyephi nokuthi futhi uhambe nini.  Esikhundleni sakhe kwangena indoda nje eyayingakaqini kakhulu.  Lendoda yayingawakhathalele nje bo amasiko ethu, futhi idelela iziphathisa nje okwesizwane esingaziwa ukuthi sasivelephi.  Yayingakhathaleli muntu omdala, futhi ingakhathaleli nemibono yabo.  Yebo lowaya muntu wayeyile yena esikoleni, efundile futhi, kodwa angisho ukuthi wayehlakaniphile.  Ngolimi lwakhe olwalubushelelezi nengqondo yakhe eyayingalali lapho ibona amathuba, washesha wabathola abaningi, anda amakholwa esontweni lakhe.
Okunguyena muntu sasimazi owayevule isonto, wakha ,nendlu, ugama, wayesho kahle kuzwa wonke umuntu wathi yena ulilungu lesonto elikhulu.  Wathi lelosonto ayelivula kwakuligatsha nje lesonto elikhulu.  Wazibiza ngesithunywa, wathi ujutshwe ngabakhulu besonto ukuba azokhanyisa isigodi sakithi.  Kodwa-ke lo omusha owayesifikele, mina ngokubona kwami wayenonkulunkulu wakhe yedwa yena.  Wayethi yena akakhonze kumuntu, akekho ongaphezu kwakhe.  Nokukhonza kwakhe kwak-wehluke kakhulu kokukagama.
Kuyangimangalisa kodwa mina -ukuthi abelungu bavame ukuthi munye unkulunkulu, kodwa lonkulunkulu oyedwa lcube sengathi ufuna ukukhonzwa ngezindlela eziningi ezahlukene.
UMbokazi lo, okunguyena wayelandele ugama, wayenendlela yakhe nje yokukhonza eyayehlukile kwekagama.  Ukuthi-ke le yakhe indlela yayihanibelana yini nenqubo efunwa ngunkulunkulu, kangazi.  Amaningi amakhosikazi esigodi azinikela aba ngamalungu esonto lakhe.  Kwakuba khona amanye amaphuzu enkonzo ayengaphathwa nje kuzwe wonke umunta, amadoda ayengatshelwa lutho olugxilile ngawo.
Inye into eyafike yamangalisa abaningi.  Kwakuyikuthi njalo lapho umbokazi ehamba wayephelekezelwa ngamakhosikazi.  Kwesinye isikhathi imihlangano yayiba phezulu ezintabeni.  Kwakuke kusontwe ubusuku bonke, kuhlatshelelwa, kushunyayelwa, kuthandazwa.  Amakhosikazi ayengabuyi kuze kuthi lapho sek-uthi nwe empumalanga k-ube yima eqhamukayo, ehamba ehlabelela.

75

Ngangingayithandi lenqubo, kodwa-ke ngase ngifinyelele ethubeni lapho ngase ngik-ubekezelela nje nokunye engangingak-uthandi ngibone isigcino sakho.  Ngakho kangikhathalangake kakhulu ukuthi unkosikazi wami omncane wenzani, amandla akhe uwasebenziselaphi. uyalala yini noma kuze kuse ethandaza ekhala.  Phezu kwalokho futhi wayesengenelwe nangumkhuba wokuthetha esethanda nokungikhwela ekhanda.  Kwakuke kuthule lapho engelcho esaye kuwo amasonto lawo.
Kwathi kodwa izinsizwa namadoda ayesemancane, akaze ayithanda neze into eyenziwa ngumbokazi.  Emva kwesikhathi bazisho ngapha nangapha izindaba zikambokazi, bamkhomba ngapha nangapha nemikhuba yakhe bayibala nje yamiilingana kuso isigodi leso sakithi.  Kwayithatha isikhathi inkosi ukuba ize izwe.  Kwatlii nokunye ekuzwayo kayaze yakukholwa.  Kwaze kwathi kamumva indaba yayizwa ngenyanga yayo kanye nenduna.
Ekuseni ngelinye ilanga abanumzane besazembathele iziphuku, kwaqhamuka isigijimi sihefuzela sihamba singencla iniizi ngemizi, sicela zonke izimpunga namadoda aseqinile ukuba anikele emthini lowo okwakuhlanganclwa kuwo.  Zaphuthuma.  Kwathi lapho sesibanin-i, izinkomo sezibuya inhlazane, yasuka inkosi yabin-elela ibandla.  Isibingelele, yase ilubeka udaba eyayiluqoqele ibandla, yagcina rigokubuza umbuzo.
Kwasukuma amadoda amaningi ngokudedelana abika uk-uthi ayengamfuni umbokazi.  Athi wayefikele ukuzobhidliza amagugu amahle ayebekelelwe ngamasiko okwakufanele agcinwe ngunoma ngubani.  Ayikho neyodwa indoda cyake yakhuluma ngisho izwi elilodwa elilile ngombokazi.  Kwathi ekugeineni, umkhabamemfu, umnumzane owayethenjwe kakhulu esigodini, futlii engomunye wamadoda inkosi eyayiwabiza uma ifuna iseluleko, wasukuma wakhuluma waphetha ngok-uthi lcusukela ekufikeni kukambokazi ziningi izinto ezazenzeka kungazeki ukuthi zenzeke kanjani. lzinkomo zase zonde zaba yizinkohlo, eziningi sezagula. lzinkornazi zaziphunza, amankonyane ayefa esemancane. lzulu Ialomisile, kwak-ungaqhumi lutho emasimini.  Okuqhumile kwakushiswa 76

yilanga kungakakhahleli, okukhahlele kudliwa yinhlava kungakabekeli.  Kukhona abantu ababili ababefile kungaziwa ukuthi babulanve ngubani.
Kusobala, akekho ongakuphika lokho, ukuthi Iezi zinto zenzeka emya kok-ufika kukambokazi.  Kuyakhanya-ke ukuthi zonke Iezi zigemegeme zingunikhokha wakhe, futhi okunye kwenziwa nguye uqobo.
Kwaxoxmra kakhulu kodwa emva kwesikhashana kwacaca ukuthi sasisinye kuphela isiphetho salendaba.
Kwathi ntambama, ilanga lilengela entshonalanga izithunzi namathunzi sekukude, lapho abantu sebebukeka bebahle bonke, inkosi yasukuma yaphefumula:
"Kusobala, mabandla, ukuthi lendaba iphathelene nathi sodwa.  Lendaba akufanele iphindwe ithintwe ngunoma ngubani lapha kithi.  Nisize kungathi nkente.  Kufanele kube yindaba nje engakaze ibe khona.  Kuzwakele kirii nonke lokho na?" Lavuma ibandla lathi: "Bayede!  Nkosi wena wakomkhulu!" Yaqhuba inkosi yathi: "Wena Gumede ngifuna uthathe amadoda amathathu nihambe niyoyala umfokazana Iona ukuthi asisamfuni lapha kwelakitlii.  Nimshaye ukuze aze azi ukuthi singamadoda asidlali okwezingane."
UGama, ngokubona kwami, wahamba waya k-wezinye izindawo, naye n-ihlawumbe ethunywe ngabakhulu.  UMbokazi yena wathi ebona wayesesendleleni, kungekho nokuvalelisa esontweni lakhe.  Samazisa kanihlophe ukuthi ukufa kodwa okumlindele esi-odini sakithi.
UMaZondi akazanga lutho ngokuthi nami ngangiphakathi kuleyo ndaba kambokazi.  Eqinisweni ngibona ukuthi uMaZondi kanye nabanye abaningi ababefana naye, bacabanga ukuthi umbokazi uhambele amanye amasonto akhe, bacabanga futhi nokuthi nihlawumbe wayehambele izikole ayezibheka ezindaweni ezithile.  Bethemba ukuthi wayezobuya.  Nokho-ke ithemba kalibulali.  Bethemba bethemba badela.  Kwabakhanyela ukuthi umbokazi wayehambe imlibe.  Emva kwesikhathi kwangena imvula esont@veni, kwabonakala ukuthi kwakuzosheshe kubhidlike uma kungabi bikho muntu ovuselelayo, abhande indlu akhande nokuningi okwakudinga uku77

khandwa.  Isikhashana emva kwalokho, indaba yokuthi kwake k-wafika umbokazi kulesi sigodi sakithi yabe isifana nenganekwane.
Mhlobo wami, ngikhuze, sengibuye ngavumela ulimi lwami ukuba lungihole luze luthande ukungiphambukisa endleleni kwezinye izindawo.  Ngaphambi kokuba k-wenzeke lendaba engisanda kuyixoxa kwavulwa isikole endlini eyayincikene nesonto.  Isikole leso saqala ngezingane ezingamashumi amabili kwaze k,@vafika emashumini amathatliu.
Ek-ugcineni, ukuze ngithole ukuphumula, ngizihlalele ngokuthula emzini wami, ngaze ngavuma nami ukuba kubekhona izingane ezifundayo emzini wami.  Kwathi lapho ngibuza indaba yemfuyo, ukuthi ngubani owayezokwelusa amankonyane nezimbuzi, kangaze ngayithola impendulo egculisayo.








78

XI

Njengoba sengike ngasho, eqinisweni kangiyizondi mina imfundo.  Kungikhanyela kahle ukuthi izikhathi sezaguquka, izingane kufanele zisiwe ezikoleni ziyofunda.  Kodwa sinye esami isifiso.  Ngesokuba kube khona izikole ezizofundisa ziqeqeshe ziphothule izingane zikazulu ziphume zivuthiwe.  Hayi, uzulu ozama ukulungiselela ubulungu, obeke umlungu waba yizinga lenjongo yakhe, akacabanga ngaphezu kwalokho.
Nalapho-ke futhi mhla,@vumbe kangisazibonisisi kahle izinto ngenxa yok-uba mdala.  Mhlawumbe ngikhuluma nje sekufanele ukuba umuntu abemLunguMnyama uma efuna ukuhlala kahle aphumelele k-uleli lobabamkhulu.
Yebo, zedlule zishabalele unomphela izikhathi ezinhle ezindala esasizazi.
lzingane zanii ezimbili zagqokiswa-ke izingubo zabeLungu, zanikwa izingqwembana ezimnyama kwathiwa zizobhalela kuzo.
Eininyakeni yazo yokuqala zisesikoleni, zaqhubeka nemfundo ngendlela emangalisayo.  Kwathi nje umuntu engakanaki nalcunaka izingane zabe sezikwazi ukufunda zibhale isizulu.  Zafunda nokubala masinyane kweve eshumini.  Kwesinye isikhathi ngangike ngizizwe izingane zami zikhuluma zixoxela unina izindaba eziningi ezazizizwa esikoleni.  Ngangingazikholwa mina Iezo zindaba.  Ngangike ngizilalele nje-ke phela uma nginesikhathi ngoba zazimnandi.
Lezi zinsuku-ke kwak-ungezeminyaka yokuqala.  Kodwake isikhathi siyedlula, sibedlulela kakhulu futhi labo asebebadala.  Kwathi nje gwiqiqi ngazibona izingane zami sezifana nabantu bokuhamba kimina, sekungathi kazikhuliswanga yimina.  Uk-uba zibe nje kakwenzekalanga kimina kuphela, kepha zaxwayeka izingane zami ngishci kontanga yazo ezazeluse nabo, ngesikhathi esiphambili ababebumbe nabo izinkunzi ngodongwe zilwa zephulana.  Kodwa lokho kwase kwedlulile.

79

Unina wabalekelela kulokho abase beyikhona, ngakubona futhi ukuthi bona wayesebasebenzela izinto eziningi, sebethola. nokuningi ezinye izingane ezazinganikwa khona.  Eminye imisebenzi yasekhaya unina wayengasazenzisi Iezi zingane.  Zazingasayi ukuyolanda ubulongwe, zazingasasindi, zazingasayi ukuyokukha amanzi uma limekhaza noma lina.  Njengoba kwenzeka mihla le, utliuli lungena kalula emehlweni uma evuliwe amt--hlo ejame engacwayizi.  Lokhu kuliqiniso, ngoba ngangibheke ngawo omabili ngingacwayizi, kanti yilapho sekuzothutheleka uthuli emelilweni ami maqede ncingabe ngisabona-ke kahle.
Manje-ke sengikulungele ukuba kengikhinike ngobumuncu osebuke bahlohlozela ezindlebeni zami, ngobuhlungu, nangokudumala esengike ngakuzwa emzimbeni nasemphefumulweni.  Empilweni yami ende ibiningi injabulo, beziziningi izehlakalo.  Intokozo enkulu -umuntu ayitholayo empilweni yileyo etholakala ngokuba umuntu ake axoxe akhumbule impilo yakhe esemncane, esakliula.  Kuyaye kuthi lapho kuxoxwa alalele athathe afanise aqhathartise isigigaba ngasinye ngasinye nalezo ezenzeka kuyena.
Kodwa-ke okwami ngobvezandla.  Empil,@vei-ii yami sekuke kwabakliona ifu elisibekele kwabamnyama.  Eziiiye izehlakalo ezazimnandi kak-liulu sengicishe ukuzikhohlwa manje, kuningi osekwazisitha. lngqondo yami isikhulurna iziphendula ngezinhlupheko esanda kuhlangabezana nazo khona sengimdala nje.
Sengizame ngamandla onke ukuba ngibasuse engqondweni yami labo bantu abangibangela konke lokhu kuhliiplieka; kodwa-ke sengibonile ukuthi lokhu akwenzeki.  Laba bangumzimba wami, baligazi lan-i-i.  Anginakwazi ukuhlephula, esinye isitho emzimbeili wami ngidlule ngithi ngisenezitho zonke.  Anginakulimunea igazi ngilikhiphe ngililahle ngidlule ngithi elami igazi kalikaze limiineeke.  Lokhu akiinakwenzeka, kungebe kusaba yimina lowo osele.
Akungabazisi ukuthi abanye bethu lapha ekhaya babacunula abaphansi, kabashweleza, marble bathukuthele basiplicndukele.  Sengathi abantu bakithi sebeziqhelele bama kude le

80

bakhohlwa ngokhokho babo; baqala nokufenyisa amasiko abo.  Akuseklio lutho olucelwayo olufinyelela kubona.  Sengilandelwe yizinhlupheko zihlabe udwendnve okwamatsheketshe.  Ngithi ngibhekene nalenhlupheko kube kuqhamuka lena, ngithi ngibhekene nalena kube kuqhamuka enye.  Yimina lo esengize ngaphela ngangangabaseinehlweni.  Wangihiaba umhlaba madoda l
Ukuziqhenya kwami kuwele odakeni, amagugu ami aphenduke ihlazo, izintokozo ebenginazo seziyizinhlupheko, obekungikitaza sekuyangihlaba. lilhliziyo yami isilihobosi isikhala sethemba kasisekho.  Okunye okuncane engisenokukwenza, okwakungijabulisa, sengikwenza nje ngoba sengakwejwayela, kangisatholi ntokozo kukhona.  Sengifike ezin-eni elithize, hayi clenziwa iminyaka kuphela, kepha futhi clenziwa yizigemegeme esezehlile, eselingenza ngiphile impilo yokuququdana nemibono eseyedlule, yokugaya okulele okuqube engqondweni eyakuthola kudala, sengetshisa okwasendulo, kangisaphili impilo yokuliiidela ngesasasa ukuthi kazi kuzok-wenzekani.
Abanangi nontanga bami bayedltila kulomhlaba, ngamunye ngamunye, basithela masinyane njengezihlahla zamapentshisi umuntu ezedlula egibele isitiiiiela.  Ngisala nabantu abancane engingasabaqondi kahle.
Ezikhathini zethu umuntu wayenezimpalilana ezimbalwa nje okwakungathi@Va ngezaklic yedwa.  Kwakuba yimvunulo nezikhali nokunye okuyingcosana kakhulu kupliela.  Konke okunye umuntu ayenakho kwakubizwa ngokuthiwa ngokwesizato.  Impahla leyo k-wakungeyoyise nabafowabo noma yasetshenzelwa nguyena.  Kodwa namhlanje ngibona abantu bakithi sebefana nabelungu bephangelene begodla bethi konke okwabo ngokwabo bodwa.  Kanti eqinisweni lokho abathi ngokwabo bodwa, ngokomndeni wonke ngomthetho.
Kuke kungifikele ukuthi inlilawumbe nami kufinele ngithathe lelisiko lokuba nomhawu. ngephuce bonke labo bantu asebengibangele ubuhlungu obungaka konke lokho okungokwami ngokwesiko lakobelungu.  Kodwa-ke ibuye ingikhuze enye inhliziyo.  Lokhu ngingeze iigakwenza.  NgiliGumede mina, nabo bangamagumede.  Into enjalo ingeze yenzeka.

8 1

Nginethemba clikliulu ukuthi abantu abadala bakuqonda kahle konke, kuyothi lapho nami sengizihambela ngiyohlala nabo, bangemukele ngok-ukhulu ukungijabulela.
Ngiyisiboshwa sezikhathi, ngifana nenyamazane esivinjezelwe, ngibhadanywa yizinhlupheko nezinkinga ngivimbezeleke emeingweni omncane, ngiqalaze ngapha nangapha ngingaboni lusizo-ngiyethemba amagumede asasishiya angeze asho uk-uthi lenxushunxushu engiyibonayo yaqanjwa yimina.








82

xii

Unkosikazi wami, uMaZondi, njengoba sengike ngasho, wayengizalele abantwana ababili.  Kwakungumfana nentombazane, ubasuse nosibongile.  Emva kwalokho-ke uMaZondi akabange esabathola abanye abantwana, mhlawumbe kwak-uyisibusiso sona leso.
Zombili izingane zikaMaZondi zazingonontandwa kunina. Ngangithi ama ngihlezi ngizicabange sezingisiza zingondla sengimdala ngingasenamandla.  Ngangizibona sezingabantu abaqotho, ngizibona ziyintokozo ebudaleni bami.
Noma udaba lwami luphatlielene nenkosikazi yami nezingane ezimbili; noma futhi Iezi zehlakalo zenzeka cishe ngesikhathi esifanayo, kodwa kuzokuba lula kumuntu omdala ukuba axoxe sengathi okuphathelene nobasuse kwenzeka kuqala kwase kuthi kamuva kwalandela ok-uphathelene noSibongile.  Ngiqoka ukukhuluma ngobasuse kuqala njengoba yena wayemdala kanti futhi engowesilisa.
UBasuse wazalwa entwasahlobo. lzalukazi zangitshela ukuthi konke kwakuhambe kahle ngesikhathi ubasuse ezalwa, akubanga bikho lutho olwaluxwayisa.  Emva kwezinsubyana nonina kabasuse wavuka qingqo wabuye waba namandia akhe lawo ayenawo kuqala.
Wakhula-ke ubasuse.  Kwathi ngesikhathi esifancle waqala ukukhasa.  Wakhasa wakhasa wacathula.  Ngalesi sikhathi-ke wayebonakala ukutlii ngumuntu owayezokuba nomzimba oqatha.  Wayethandwa yibo bonke abantu, bonke befika bamthathe bamange bamgone.  Kanti-ke futhi baningi ababemkhuza.  Khona esazalwa amashiya ayemakhulu kulihlathi nje, namehlo kungamabhamuza kubugunqugunqu.  Kwesinye isikhathi ngangike ngifise sengathi umntanami angeze akhula edlule lapho, ukuze ahlale eyimbali njalo.  Ngangishaywa uvalo uma ngicabanga ukukhula kwakhe, ngoba abanye bakhula baguquke ebusweni, enhliziyweni, engqondweni nasomoyeni.

83

Kanti abanye njalo qha.  Ngangingazi-ke, futhi kasiklio isangoma esasingangitshela ukuthi okuyiyona ndlela yayizohamba umntananmi kwakuyiyiphi.
Empilweni yomuntu, kusukela ebunganeni bakhe, kunezintokozo nezinhlupheko, kunezinhlanhla namashwa, kunamaphutha nokulungile, okuvelayo nokwenzakalayo.  Isiphosiso sokuqala esenzeka emva kokuba ubasuse esezelwe kwaba yilesi.  Thina MaGumede sinegazi elinamandla, lishisa kakhulu kubafana ngaphandle-ke uma belashwe kahle besakhula.  Zonke izingane zami ezazize ngaphambi kwalena zazelashwe ngomthetho.  Kayikho eyafa ibtilawa yilokho kodwa zaqonda zonke za'chi thwi, zakhula iigendlela.  Kulisiko kitliina ukuba inyanga eyaziyo imithi, engaklioli@'isi, ishunqisele umntwana ngezinyamazane ukuze umntwana aligahabuli imimoya ngemimoya aze abhoboke nokliakliayi, ngoba abanye abantu laba baphatha izinyamazane ezimbi.  Abanye njalo baphatha imithi emibi kakhulu lapho beya emacaleni.  Konke lokho ingane iyakubabula uma ingaqinisiwe.
Ngapliandle kokuhabula Iezi zinyainazane futhi, umntwana agule, uma izinyamazane ezishunqiselwa umntwana zingaphelele, kuyenzeka unintwana akhule kukhona okuiigaphelele engqondweni yakhe.
Okunye futhi okwakusemqoka okwakufanele noma iyiphi ingane yenziwe khona, ukuyigweba.  Yayigwetshwa Hphume lonke igazi elibi.  Yebo khona ingane yayikhala kakhulu yophe futhi kakhulu kodwa kuthi emva kwesikhathi ithule.  Ingane egwetshiwe ikhula il-tlonipha, ingumuntu, inomqondo wobudoda noma iyintombazane enhle enokuwakha umuzi.  Ingane yesilisa yayigwetshwa nje kancane kubuywe nganeno, kodwa eyesifazane yayigwetshwa kakliulu, uktize liphume kakhulu igazi elishisayo ikwazi ukuziphatha kahle lapho isikhulile.
KodNva-ke ezinsukwini zai-ai zobudala ngaba buthaka. ngalalela ukubelesela kukanina ethi, "Ayi bo yise kabasuse, uzobulala izingane, cha, cha, musa ukukwenza loklio, ukugweba lokhu kuyingozi.  Lomuntu ogwebayo wazi kanjani ngempela ngempela ukuthi umhlanga lo uwufakaphi, nokuthi uwuphehla nje umi kanjani?  Uma kufanele, kudingekile ukuba 84

kube khona igazi cliphumayo enganeni, kasiyise kudokotela ayoliniunca yena ngezinto zakhona." Wangidazisa inkani-ke nami ngaze ngakhathala.
Ngenxa yobuthaka bokukhula-ke ngaze ngathela, ngaziyeka izingane ngalalela unkosikazi.  Ngathi lapho sengicabangisisa kodwa, ngajabula ngaleso sikhathi ukuthi wayenginqandile unkosikazi ngoba leyo nyanga zahamba zahamba izandla zayo kazabe zisabanalo lelo khono, nokucophelela ok-ugculisayo okwakuke kwaba khona.  Ngabuye jigezwa ukuthi emva kokuba egwebe izingane zakwamazibuko ezimbili, umathenjwa lona, zazikhale kazabe zisathula, zopha ungopho za,-,cina zifile.  Phezu lcwalokho kodwa sasiyoyithola enye ngelinye ilanga.
Esinye sezizathu zokiipveba yikuba abaphansi bayithatlic ingane leyo okuzokuthi uma isikhulile be luhlupho kubazali bayo nasezweni.  Abaphansi bayakwazi ukubona ukuthi umuntu uyokuba yimpoxo noma yigugu yini esizalweni sakhe.
UBasuse akagwetshwanga.  Esekhulakhulile asezoyeka ukwelusa amankonyane, bvaqala ukubonakala ukuthi wayengabahloniphi abantu abadala, kwayena futhi engazihloniphi.  Wakhula engawagcini amasiko, ekubukela phansi konke lokho okwakungamagtigu okhokho bakhe.
Wayehlakaniphe kakhulu, umqondo wakhe ukhaliphile.  Ngisho esanda kungena esikoleni washeshe wazibonakalisa ukuthi unesiphiwo sengqondo, nothisha bawutusa kakhulu umsebenzi wakhe.  Okwakukubi kodwa ukutlii wayezihlalela angayi esikoleni uma enalo ithuba lokwenza njalo.
Kangizange ngifake sandla sami kuloludaba ngoba kwakungemina engangiphehle indaba yesikole.  Kod-,va kaningi lije ngizwa uiiina eklionona eqhathe -timunyu etlii ubasuse wayesuka ekhaya eqonde esikoleni, abuye njalo kanye nezingane eziphuma esikoleni ntambama. kanti uthisha ubika ukuthi ubasuse akasalubeki esikoleni.
Lokhu kuhlala kwakhe angayi esikoleni akumvimbelanga kodwa ukuba aphumelele ekuhlolweni emabangeni ngamabanga njalo ngokulandelana.  Waphumelela nasemabangeni ayesethe ukuthuthuka ayesefuna umuntu asifunde asibhale isingisi.

85

Khona k-usenjalo wayesenginamathele uMaZondi futhi.  Ngabathe ngiyaziba wangibelesela.  Ngabathe ngishona ngalena wangeqela.  Ngalesi sikhathi ubasuse wayesephumelele kukh6 konke ukuhlolwa kuwo wonke amabanga ayek-uleso sikole.  Kwangimangaza mina lokhuya ukuthi kanti ukufunda kulula yini, yini umuntu aphumelele kahle kanje kanti uziyela esikoleni mhla ethandile.  Uthisha kodwa wathi ubasuse wayenesiphiwo esikhulu, enekhanda elilula ngokumangalisayo.  Okuyi~ khona kwase kuliphela endlebeni kimi-ke ukuncengwa ukuba ngenze amalungiselelo okuba ubasuse ahambe ayofunda engxenye, lapho ayezoqhubeka khona nemfundo yakhe.
Ngazama ulcuchaza -Likuthi umfana manje wayesesebangeni lapho ayefanele ukuqiniswa khona abe yindoda.  Ngasho futhi ukuthi njengoba umfana wayesekwazi nje ukufunda abhale izincwadi ziye zibuye nasegoli, esekwazi ukufunda namabhuku, kwakungasekho lutho eqinisweni ayesalufuna esikoleni.  Impendulo engayithola kwaba ngeyokuthi ngangiliqaba elidala elalingafundile futhi lingazi lutho ngemfundo.  Ngatshelwa ukuthi uma indodana yethu yayizogcina ilutho kulelizwe lesimanje, kwakufanele iqhubeke nemfundo ize iqede ukufunda zonke izincwadi ezikoleni eziphansi bese kuthi emuva kwalokho iqhubekele ekholishi.
Ekugcineni ngavuma.  Yini enye umuntu ayengaba esayenza?  Indodana yami encane, eyayiphume emathunjini ami, kade mina ngangibona, yayisike ikhulume ngezinto eziningi engangingazazi nakancane kodwa mina.  Kwase kungangisiza kungithini ukuzama ukuthi kukhona engangikwazi nengangingakwenza emzini wami, kuzokathi ngingakaqedi nengikushoyo bese ngenqakwa ngokuthi uthisha esikoleni wayethe, noma umfundisi esontweni wayethe, ethe.  Yize laba bantu babengesiso nesizalo, babengaphathelene ngalutho nomuzi wami, kodwa wase ubuswa yibona. lzwi labo laselihlonishwa ngisho bengekho bengabonwa, elann Ialidelelwa liphikiswa ngisho ngikhona ngibonakala.  Yimi Iona okwase kuthi lapho ngikhuluma kuthiwe ngikhuluma ubungane noma umbhedo, noma into engeze yenzeka?
Hayi, indaba yesikole lena yisifo nje esingenamuthi woku86

selapha.  Uma ingane isike yafunda ukufunda nokubhala, kuyona sengathi isingafunda ize iyiqede yonke imfundo, engabe iphelelaphi.  Akusizi lutho ukuhamba umuntu abuye endleleni engasafikanga lapho ebeya khona.  Ngazikhohlisa ngemicabango enjena, ngaze ngafuna ngathola nemali eyayidingeka ukuze kuthengwe izincwadi nokokugqoka neyokukhokhela izinto zokuhamba.
Indodana yami lena-ke yacelelwa indawo ezihlotsheni ezaziseduze nekholishi.  Kwakulibangana nje ukusuka kulomuzi kuya esikoleni.
Sengiyabona manje ukuthi kusukela ngalolo lusuku kade abafowabo nodadewabo beyomkhweza ebhasini, nonina emuthwalele imithwalo, nami ngixhawula ngithi: "Ndodana yami ngethembele kuwena," ubasuse wayegcina ukuba abe yindodana yami.  Mhlawurjibe kwakwenza ngoba wayehamba angabi bikho ekhaya unyaka wonke, azi kahle kamhlophe ukuthi iso likayise kalimbhekile.  Noma-ke mhlawumbe izinto eziningi ayezifunda zamdibanisa ingqondo.  Kodwa-ke ok-useqinisweni yikuthi ukuziphatha kwakhe kwehluka kakhulu kulokho kwamagumede.
Wayedelela engahloniphi esikoleni, ejeziswa njalo.  Enekhanda eliluhlaza engangingakaze ngibone omunye umuntu wakithi enalo.  Akakuthandanga ukujeziswa ubasuse onile.  Mina ngangikuthokozela uk-ujeziswa kukabasuse esikoleni uma onile.  Ukujeziswa kwamphatha kabi kakhulu waze waqala waceba amasu okuziphindisela.  Njengoyise womfanake mina ngibona kahle konke lapho ayone khona; ukuba wayethatha induku ayiphelelisele ekhanda likathisha ngangiyothukuthela kakhulu.  Kodwa ngakwelinye icala futhi kwakuyongisiza lokho ngokuba kunginike ithuba lokumkhipha umfana esikoleni.  Mhlawumbe ngangiyobe ngisaba nenhlanhla, ngibe nendodana encane ekhaya eyayingakaganwa engangisenokuziqhenya ngayo.
Uthisha owayeseshaye ubasuse emjezisa ekholishi kwakuIiXhosa.  Yilona elaliphethe isikole.  IsiZulu elalisikhuluma sasihlekisa, kuyibundimndimu nje umuntu ayengabazi ukuthi buqalaphi bugcinephi.

87

Kodwa-ke ubasuse akathathanga nduku aphindisele kuthisha.  Esikhundleni saloklio wabhalela unina wacela imali ethi kufuneka ezinye izincwadi zokufunda esikoleni.  Ngalemali ubasuse wasuka wayokhendla imithi enyangeni.  Lemithi ayikhendla kwakungeyokuthi zonke izinto uthisha ayezizama zehluleke nezindaba zakhe zibe zimbi nezindlela zakhe zibe mnyama.
Nango-ke nothisha lowo esehlulwa uthando, esekhulumisa omunye wamakhosazana ayefundisa nawo.  Ukwenza nj'e konke lokhu ungumuntu wokuhamba, nenqubo yalelizwe .akayiqondi kahle.  Kwakwaziwa kahle futhi ukuthi wayeshadile.  Wazifaka-ke umonyakana obishini.  Ngiyabona ukuthi ubasuse waba no,,omunye walabo abenza ukuba lendaba ize ifinyelele ezindlebeni zabaphathi.  Isigcino sikathisha lowo-ke kwaba ukuba aphindiselwe kwelakubo.  Bamesaba-ke bonke ubasuse esikoleni, nalabo ayefunda nabo bamhlonipha okokumesaba.
Emva kwakho konke lokhu, ubasuse wadlula wafunda ngokwanele ukuthi aphumelele ekuhlolweni kwebanga lakhe.  Isikhathi esiningi kodwa manje wayesichitlia ehola abafana emaqeleni alezo zindawo chamba ebavakasliisa.  Lababafana njalo babchlala ekholishi bona.  Emva kwesikhathi lababafana bangenwa ngumkhuba wokuphuza utshwala nokubhema ugwayi.  Ngesikhashana esincane nje ubasuse wayesezifanela nalababafana abangonoyabhu ababonakala ezitaladini zasemadolobheni.
Yaphela kuyena yathi nya inhlonipho.  Wahlambalaza igama lami, wenza inhlekisa ngamasiko oyisemkhulu, wabukela phansi abantu bakubo.
Wayesahlala afaka ekhikhini lebhantshi ngaphakathi igotshwa elivuliwe.  Wayehamba nedlanzana labafana nalo elaliziphethe kanjalo.  Wayenochuku.  Wayenomkhuba futhi wokuhlangana nabanye abafana balwe ngokuhlan-anyela.
Mhlawumbe amanye amantombazane ayezesaba Iezi zimbodla, noma-ke mhlawumbe ayekuthanda akutusa ukwephula kwazo umthetho bese ethandana nazo.  Kwakuthandanwa kungahlonishwana ngisho amantombazane ayengakafiki

88

ebangeni lokuba ngabe ayesehamba nabafana.  Ababebakhona babengitshela ukuthi lababafana bahamba begaxene namantombazane endleleni kanti kwalana amanye amantombazane ayebhema nokubhema.  Abanye balababafana futhi babeyibhema insangu.
Ukuba umfana wami wayelokhu ehlale ekhaya ngabe akangenanga kukho konke lokhu.  Ngabe igama land kalihiambalazekanga, ngabe isizalo sakhe saziqhenya ngaye.  Into enjena wayengeke ayilokothe ngoba amadoda lapha ekhaya ayengeke neze ayimele into engasile.  Kwamantombazane ayeyoba esesandleni esiqinile seqhikiza.  Uma kwak-uyoba khona ukungaziphathi kahle kuwona amaqhikiza, Ialingenza noma yini eliyithandayo uphele nya lowomkhuba.  Amaqhikiza kawadlali.  Kwalowo mfana ongaziphathi kahle ongangela emantombazaneni uwafunda awaqonde amaqhikiza.  Isiko lethu phela ukuthi intombazane eziphathe kabi, isingcolise igama lawo wonke amantombazane asebuthweni linye.  Lena yinqubo emisiwe, akukho ngisho umzali ongaphikisa isijeziso amantombazane asevumelene ngaso ukuthi sizonikezwa intombazane, nesizonikezwa umfana ophathelene nalolo ludaba.
lzindaba zamantombazane zazaziwa iqhikiza eliwaphethe.  Kayikho intombazane eyayingazenzela into yona ngokwayo ngaphandle kwemvume yeqhikiza.  Nabafana badlela ogageni lapha emantombazaneni.  Uma kukhona umfana onenkanyana ayamshaya nje amantombazane kuphele ngeswayi.  Amanye phela elusa.  Uma eqonde ukudlala ngaye nje, ambambe ambhekise phezulu ambophe izinyawo nezandla ngezidindi zotshani.  Ayehlonipheka amantombazane ezihlonipha futhi.
Ezikoleni lapho umntanami ayekhona-ke kwakungekho konke lokhu.  Wahlala endaweni enjena-ke ubasuse, emva kwesikhathi elapho, abantu abazihloniphayo bambukela phansi.  Ingulube ikhetha Iezo zindawo ezifana nesibaya sayo lapho yazi kahle ukuthi inokwemukeleka kahle khona.  Uma abantu abahloniphekile nabaziphethe kahle sebemexwaya umuntu bemgegela, uyabe esekhetha abangani bakhe kulelo qembu elifana naye, elizoyamukela indlela aziphatha ngayo.

89

Buthi lobo bubi akade eseyibona bedlulele.  Uma umuntu esekulelo zinga kuba lula ukuya phambili aqhubeke nobubi bakhe kunokubuyela emuva athathe kahle isinyathelo esisha.  Indawo asuke eseyishiye ngemuva isala isiba ngumqansa, kuthi phambili kwehlele, kanti yilapho escholelekela egebenikazi lapho kuphelela khona leyo ndlela.
UZulu yisizwe esilungile nesihle esihlonipha inkuliso yaso, -mithetho yaso kanye nenkuliso yezinye izizwe nemithetho          1 yazo.  Abantu bakwazulu kabebi, kabaphangi, bayakuzonda ukukhuluma amanga umuntu eqonde ukuzuza okuthile ngaleyo nkohliso.  Ngabantu benhlonipho, baziphatha kahle, banomusa.  Konke lokhu kuliqiniso, angiqonde kuqhosha ngantoni, nakwengeza noma ngezwi elilodwa.  Kodwa banjengoba sengichazile uma besawahlonipha amasiko abo, uma besasazisa isizalo sabo, bazi ukuthi ukuziphatha kabi kuhlambalaza bonke abantu bakubo.
Uma kodwa Iezizinto zingasagcinwa, abantu kababe besakwazi ukuzibamba, baba buthaka, lapho-ke bese befana nezilwane.  Bebe sebezicabangela bona bodwa, sebazi ukuthi abak-Nvenzayo kurgumthwalo wabo bodwa.  Ngubani kithina sonke, ezweni lonke, ongasukuma aphike ukuthi yena akukaze kufike kuyena ukuba azenzele izinto ngokuthanda, azi kahle ukuthi umthetho wosiko lwakubo awuvumi, aze asizwe uku~ khumbula uk-uthi uyobe usehlaze abangani bakhe nabo bonke abaphathelene nekwabo.  Umuntu-ke ongasenandaba nabani uba yini?  Umuntu ongesabi ukuthi uzophoxa igama lesizalo sak-ubo, ongesabi kuthethiswa nokuhlanyukwa ngabangani; umuntu oziqhenya ngakho ukuthi yena wephula imithetho cbekiwe; umuntu onabangani abambongayo bathi ul-dakaniphile lapho eyisihlongandlebe.
Uma usophe ngokuzimisela ukwenza omunye wabantu bakini aziphathe ngendlela engavumelekile osikweni lwesintu, ubomelekelela umbhebhezele ekwenzeni okubi baze bamdinwe bamdele abanye abazihloniphayo.  Lapho-ke akabe esakwazi ukuphindela emuva afice besamsasela njengasekuqaleni.
Uma sekwanzeke njena-ke ngubani ongasolwa?  Lowo mbuzo kawulula ukuthi umuntu angawuphendula.  Uma sitha-

90

tha ubasuse, kukhanya kahle ukuthi ngakwelinye icala unina kufanele asolwe kanti ngakwelinye yimina okufanele ngisolwe.  Yithina okwakufanele siqaphelisise ukuthi ingane iyawagcina @,amasiko futhi iyawazisa, kunokuba yazise ikhonze amabhuku.  Okunye futhi okungapheli engqondweni yami, okuhlala njalo kungibelesele, ukuthi ubasuse Iona akagwetshwanga esemncane. lgazi elibi kaliphumanga.  Ukuba lokho kwenziwa mhlawumbe ngabe ngixoxa enye indaba namhlanje.  Ngakwelinye icala futhi, kwamfana, akusho ukuthi yena angesolwe ngalutho.  Waba buthaka, akakwazanga ukugcina izimfanelo ayezalelwe zona.
Kwathi esikoleni sebekhathele, sebeqinisele baqinisela ngoba bethi umuntu unekhanda clilula, uphumelela kahle abe kanye nabanye ababa phambili, bakhathala.  Kwase kuba ukuxoshwa kwakhe-ke njalo.  Ngesikhathi exoshwa akukho lutho olukhulu ayelwenzile.  Kodwa nje wayesengumdl-,vempe, othisha bengasakwazi ukumphatha.
UBasuse akazange abuye ukuba azongibikela lokho okwase kwenzakele.  Esikhundleni sokuba abuye wangibhalela inewadi wathi uyofuna umsebenzi ethekwini.
Angazi ukuthi kwenzekani umntanami esesethekwini.  Kwashona izinsuku kwaphela amasonto, izinyanga, iminyaka emibili akazange abhale ngisho isicucu sencwadi ubasuse.  Sadliwa yindlala ngeswela nemali yokuthelela ikhanda, akuvelanga lutho olwaluphuma kubasuse.  Uk-uthi sasingakwazi ukubhala kwakungesizibo esasingamsiza ngoba ngaleso sikhathi umuntu wayehamba ibangana nje bese emthola umuntu owayengahle amfundele incwadi.








91

Xill

Khona ngangazi ukuthi akafile uyaphila umfana ngoba ngangihleze ngithola umbiko kulabo ababefika bevela kulo itheku lansondo.  Eniiniiigi yalemibiko yayingangijabulisi neze.  Ziningi izindaba engangizizwa ngobasuse.  Ezinye zazingikhalisa zingidabukisa, ezinye zingilahlisa ithemba zingidangalisa.
Namanje ngisake ngicabange ukuthi uthi kambe lamaqembu ngamaqembu aqanjwayo emadolobheni okuyaye kube khona kuwo abafana abangangowami, kukhethwe nabaholi, awabenqabefi nje abafana ukuba babhalele emakhaya, abatshele nokuthi akukho lutho angathi anendaba nalo mayelana namakhosi akubo ozalo nezinduna, nabazali.  Ngiyasola bayafundiswa futhi ukuba bakhohlwe ngabazali babo.
Konke lokhu okuphathelene nempilo yomfana wami edolobher,i ngakuthola emibikweni eyayide ifika, nakuye ubasuse.  Wayengangixoxeli kahle aqondise.  Ngasale sengithatha lokhu ngiki:ixhuma nalokuya.  Umuntu omdala njengami nje angeze ayiqeda yonke into ayeyizwa.
Ukuze umuntu abe yilungu Ialeliqembu, aze futhi athole nokutuswa, kumele afunde ukufenyisa umthetho, aweqe ngokuthanda, angakhathali ngalutho.  Amaqembu ngamaqembu aloluhlobo anamalungu ezizwe ngezizwe, anamasiko ngamasiko, akhuluma izilimi ngezilimi.  Uma laba bantu bekhuluma kumele baxube zonke Iezi zilimi ukuze bezwane, kube yingxovangxovane nje umuntu angayazi ukuthi kwakungeyangaphi.  Akukhonto lapho umuntu angathi inhle, noma iyukuphucuka okuthize.  Onke amagama abawasebenzisayo akusiwona anenhlonipho.  Konke nje bo sekuguqukile laphayana akusesona isizulu.. Uyakwazi ukuthi umuntu othi mkhulu kuwena, futhi othi uyamhlonipha, umbize ngegama?  Labo bantu okuyibona baholi balawo maqembu, bagagulwa nje ngamagama, umun,. amane azithele: "Ubhuti ujoe, ubhuti usam." Kwesinye isi92

khathi-ke kubizwana ngamagama asazibongo, kuthiwe "Sigila
Ntwana, njll."
Okunye-ke abakwenziswa lapha uma bebengamalungu, ukufungiswa ukuthi kabanakukhombana uma bebanjiwe, ngisho sekumnyama kubomvu.  Kungeono umuntu aye ejele yedwa kuthi laba abangaphandle basale bemsebenzela.  Akuvunyelwe futhi ukukhomba ukuthi imali ikuphi uma ibingumthanyana kungcono ukuthi ayodonsa aphuine ayidle.  Bafungiswa nokuthi bayozibulala izihlobo zabo uma kusho abakhulu kubona.  Kugcizelelwa futhi nokuthi lapho bephuma, bayokwenza cimikiji njengoba betsheliwe, uma kuthiwe bebe sebebulele, bangazami ukweba bengabuiele, neminye imininingwane eminingi.  Qwehluleka ukugcina lemithetho uthenjiswa ukushaywa ngenhlamvu khona lapho.  Nempela-ke, kuyenziwa lokho, kusukwe kungadlalwa nje kwesatshiswa laba bafana.
0Sigela nontwana laba yibona ababeyiphethe ngezandla impilo yalaba bafana.  Babenamandla amakhulu okubulala.  Aniandla abo futhi lawo babewasebenzisa ngempela benganqi-

kazi.
Lapho lowo ophethe ekhipha izwi lokuthi kufanele kubulawe umuntu otliize, uvele nje abize umhlangano wawo wonke amalungu akhe bese esho-ke ukutlii ufuna kwenziweni. lmvamisa kuyaye kujutshwe ababili asebaba nesikhathi bekuleliqembu bahanjiswe nababili abasanda kufika ukuze bafunde

nabo ukuthi kuqalwaphi kugcinwaphi.
Uma kuzophunywa uhambo olunje kuhlelwa kahle zonke izinto.  Laba abasha banikezwa isisliimeyane kuthiwa bathathiswa isibindi.  Babuye banikwe nezithithibala ukuze bangakhathaleli lutho.  Kugqokwa n-endlela ethize yakhona, kumbozwe amakhanda nobuso kuvele amehlo kuphela.  Kuqalwe kuhlelwe kahle yilowo atshelwe azokwenza bese ephindiswa ngomlomo ekusho ukuze singaveli isiphosiso nakancane.
Kube kabaphumile-ke baqonde kuye lowo muntu okuthiwe kabayomgebenga.  Mhlawumbe kusoleka ukuthi unemati.  Akuthathi isikhathi eside.  Uma beke bamfica ngasemathiinzliu khona, bamfaka nje igotshwa emhlane bamnaphanaphaze aphangalale njalo.  Bamgwaza kanjalo nje mhlawumbe kaba93

zange bayicele naleyo mali, wala-ke.  Qha, bavele bamqala ngommese nje.  Uma ebenenhlanhla, bayaye bathi akazikhuthuze nya akhiphe amakhikhi abheke phezulu.  Uyaye athi-ke uma esebanikezile lomuiitu ogetshengwayo loklio abakufuiiayo nanakho, bese bemshaya ngempama bethi akabaleke angabheki ngemuva.  Ongenamali bekucatshaiigwa ukuthi unayo, kungaqalwanga ngokuba abulawe, ube uluthezile olumanzi.  Ukhunyuliswa konke akugqokile kuthiwe akahambe-ke.  Yini angayenza?  Kwesinye isikhathi aze ethembe ezwa elokuthi akabaleke, azindezindele ecela okungenani amapasi akhe, kanti yilapho sebembulala khona.

Laba abasha abasanda kutholwa-ke badunyiswa kakhulu uma bephumelele emsebenzini wabo, bese kuthi isigungu leso esiphethe leloqcmbu sibabambe laba bafana bangaphindi baphunyule.  Kuphela nya ukucabanga ekhaya, nethemba lokuphindela ekhaya liphela nya.
Yilokho-ke okwenzeka kunmtanami.  Kimina sezizoqekethwa ngumfo wakwantuli, yena wayeke wayibona yonke leminir Angwane yasesilungwini.  Umfana wami waphenduka isilwane, kwasala kuphela ukuba abe nesikhumba esiqinile amile noboya.

Eminyakeni emibili ubasuse esethekwini, waboshwa kaningana exhakathiselwa ngezinsimbi okukasigonyela.  Kaningi esiwa enkantolo ema phambi kwemantshi.  Ngazo zonke izikhathi ethethiswa amacala, ayemlahla.  Ngelinye ilanga ugwetshelwe ukuhlutha isikhwama sikamesisi, ngelinye ilanga ukubanjwa esemageekeni endawo angaphathelene lutho nawo ehluleke ukukhipha incazelo ukuthi ufunani.  Ngelinye ilanga uflewe nogologo engenamvume, noma efake ezikhwameni zebhantshi imisongwana yensangu, noma -ukuphatha ummese omude ohlala uvuliwe, noma ukubanjwa enezimpahla ezebiwe.

Ngaphambi kokuba bayiswe enkantolo laba ababoshelwe Iezi zinto kubuzwe impela k-uqiniswe kungadlalwa, kuthiwa kabasho abanye abasebenzelana nabo.  Lutho otsotsi ukusho.  Leloqembu okwakuthiwa ngelika J.B., elaliqeqesha abafana bazi kahle uk-uthi uma kukhona abake bakutshela amaphoyisa 94

mood



bazi ukuthi base befana nasebefile, sebezobulawa noma
kanjani.
Elcugcineni imantshi yakhathala nguyena.  Yamtshela ukuthi uma eke waphinda wona futhi, useyodilikelwa yijele.  Yathi ukuze imsize leso sigwebo singamfikeli, yayizomphindisela kwelakubo, emsinga, angaphindi abonakale ethekwini;
uma nje eke wabonakal.a aboshwe.
Yabuya kanjalo-ke indodana yami, isideliwe yadingiswa njengento engeolile engasenamsebenzi.
Engikusolayo ezimantshini Iezo okuthiiva zazithetha ama-

A.

cala akhe ukuthi zabanomusa kwaze kwaphela isikhathi esi,.., kakhulu.  Ububele buyisipho esibusiseke kakhulu, kodwa akufanele imantshi ibe nobubele kwezinye izikhathi.  Umsebeazi wayo ukuba ijezise izoni, iqede izikhohlakali, ikhulule abagcina umthetho abahlala njalo besaba ukuthi kuzongena izigebengu zibabulale, bengakwazi nakulala kahle ebusuku.  Ngokubona kwami isijeziso uma sesibekiwe, kufanele sifanelane nohlobo lolo lokona.  Abaphila ngobudlova bezwa kuphela uma bephathwa ngobudlova.  Kanti kanjalo futhi nabasukelwa baphathwe ngobudlova, isimo sabo siphenduka ubudlova.  Nezijeziso Iezi kufanele ziye ngokushiyana.  Ngok-uqhubeka umuntu ona kufanele iqhubeke nenhlawulo yakhe.  Kodma-ke, okusemqoka yilao ukuhlolisisa izimbangi zakho konke lokhu.  Ngubani ongaqeda ungwengwe luphele nya ngokulusika, kod@va izimpande zalo zibe zincikene nomthombo wamanzi?
Yebo, ukuba izimbangi zakho konke lokhu zasudukiswa ngesikhathi.  Ukuba ukona kwakhe kwanqandwa ngesikhathi.  Ukuba wayesangithatha njengotho, ngabe waba yindoda.
Bathi ukhamba lufuza imbiza, kodwa angizange nglyibone mina kwagumede imbiza enjeyana.







95

